IFIKELWA wukushisa imenenja kaSiboniso Gaxa uGlyn Binkin uma icabanga ngesenzo seKaizer Chiefs “sokuxhaphaza” umdlali wayo obalwa neqeqebana elikhethekile elimele iNingizimu Afrika kwi-2010 Fifa World Cup.
Okuvusela uBinkin ushukela yindlela iChiefs elaxaze ngayo uGaxa ekupheleni kwesini ka-2015/2016. UGaxa (32) ubesohlwini lwabadlali abangu-20 abachithwe yiChiefs ekupheleni kwesizini ebalwe ngenhla kodwa okususe udweshu phakathi kwakhe neChiefs wukuthi maphakathi nesizini bekusabalale imibiko ethi uvuselele inkontileka yakhe. NeChiefs yacashunwa ishicilele kwiTwitter imbala noBernard Parker kwabavuselele izinkontileka.
“Njengoba kwaziwa nje alikapheli udaba lukaGaxa neChiefs,” kusho uBinkin othe: “Akukho okusha njengamanje ngaphandle kokuthi sisalinde usuku lokuhlangana ngalolu daba. Usuku silulindele kwiSafa Appeals Committee (ikomidi eliphezulu lokubuyekeza izinqumo elingaphansi kweSouth African Football Association).”
IChiefs iyaphika ukuthi ikhona inkontileka eyivuselele noGaxa kanti okwenza udaba luthande ukuba yimpicabadala wukuthi neDispute Resolution Chamber (iDRC) luthe uma ludluliselwa kuso safika naso savuna iChiefs nokulandelwe wukuthi udaba ludluliselwe kwiSafa eyengamele ibhola eNingizimu Afrika.
“Ayisahlangene nemali le nto kodwa sesilwela ubulungiswa. IChiefs ixhaphaza umdlali wami. Ngeke sikuvumele lokho. Manje sesilwela noma yisiphi isinqumo esizovuna umdlali,” kusho uBinkin, ozakhele ukuhlonishwa emkhakheni wokuphatha izindaba zabadlali ngokwengamela ezikaLucas Radebe noMark Fish abazakhele udumo ebholeni lomhlaba.
Amazwi kaGaxa avele enkulumeni yakhe emfushane naleli phephandaba ngoDisemba ahamba phezu kwakaBinkin.
“Yebo ngidlule entweni enzima kabi,” kusho uGaxa exoxa neSolezwe ngoMgqibelo ngemuva komdlalo wabo neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium ngoDisemba. “Angimfiseli omunye umdlali ukuba adlule kuyona. Nakhu ngikhona kodwa, ngiyaphila futhi ngisazoyilwa le nto. Ayikapheli.”