ISOUTH African Football Association (Safa) isabisa iBidvest Wits nelinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) ngokubathathela izinyathelo ezinzima uma beqhubeka nokugoloza ukudedela abadlali abafunwa uThabo Senong ongumqeqeshi ka-Under 20 oya ku-Afcon eqala eZambia ngeSonto.
Lo mqhudelwano ohlelwa iCaf awukho ekhalendeni leFifa okuyisona sizathu iWits ezithethelela ngaso ngokugoloza noPhakamani Mahlambi ethi imdingela ukulwela isicoco seligi nokuyibamba emidlalweni yeCAF Champions League.
Nakuba kunjalo kodwa iSafa ithe izimisele ngokulwa kuze kube sekugcineni ngoba le nto yamaqembu yokucasha ngekhalenda leFifa isiqala ukuyicika.
“Iqiniso ukuthi sengikhathele ukukhuluma ngoMahlambi. Ngeke simdedele. Akayi ku-Under 20 oseZambia. Uzohlala ngoba siyamdinga emidlalweni yethu yokulwela isicoco kanti nakweyeCaf siyamdinga. Angazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi ngoba iSafa siyinikile abanye abadlali,” usho kanje uJose Ferreira oyisikhulu esiphezulu seWits.
Lesi sikhulu simile ekutheni isizathu sabo sokwenqaba nalo mdlali ukuthi umqoka kubona futhi le midlalo ayikho ekhalendeni leFifa okwenza bangaphoqeleki ukumdedela.
“Konke esikwenzayo silandela umthetho weFifa ngakho-ke sibheke ukuthi iSafa nayo yenze okufanayo njengenhlangano esingaphansi kwayo,” kusho uFerreira.
UDennis Mumble oyisikhulu esiphezulu seSafa uziphendulele kukushiwo uFerreira.
“Njengoba uMahlambi efakiwe esikwatini esiya eZambia silindele ukuthi iWits imdedele. Uma kungenzeki lokho sizothatha izinyathelo. Kuhle lokhu ngoba ngeke sibazume sesibatshelile ngesizokwenza uma benqaba nomdlali. “Okufanele amaqembu akwazi wukuthi iqembu lesizwe liyohlale liphambili kuneqembu futhi lokho ngeke kushintshe. Sesifikile isikhathi sokuthi amaqembu ayeke le nto yokucasha ngekhalenda leFifa ngoba kwalona awalazi ukuthi laqhamuka kanjani. Yithina esazi indaba yekhalenda hhayi amaqembu,” kusho uMumble.
Lesi sikhulu sidalule ukuthi ikhalenda (okuyibona njengeSafa abalicela kuFifa ngo-1998/1999) ligxile ezinsukwini eziyisikhombisa zokulungiselela imidlalo yeNdebe yoMhlaba hhayi okunye. UMumble uthe imidlalo yeCaf neyeCosafa ayifakwa kuleli khalenda leFifa uma kuyimidlalo yamaqembu esizwe amancane.
“Uma befuna sibafundise, iFifa le abagabe ngayo ikubeka ezandleni zikasoseshini othintekayo uma inkinga ithinta udaba lwemidlalo yamazwe kodwa ezikwatini ezincane. Uma begoloza kukhona esizokwenza,” kusho uMumble.
Iqembu likaSenong lihamba namuhla ukuya eZambia.