SEKUQUBUKE indida ngekusasa likaFloyd Mbele oyisikhulu se-Orlando Pirates esiphenduke ihlaya ngokubhacaza.
Okushiya imibuzo ngekusasa likaMbele kwiPirates wukuthi iBucs isijoyinwe nguDereck Blanckensee phambilini obeyimenenja kuPremier Soccer League.
Izolo ntambama uBlanckensee uqinisekise ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ukuthi usesebenzela iBucs. “Yebo yiqiniso ukuthi sengisebenzela iPirates. Ngiqale kwiPirates ngoJuni 1. Umsebenzi uthinta izinto ezithinta abadlali nehhovisi leqembu. Mayelana nokuthi ngingene esikhundleni sikabani anginalo ulwazi. Mina ngiqashelwe ukuzokwenza lo msebenzi engikhuluma ngawo."
Umsebenzi lo uBlanckensee akhuluma ngawo ohlanganisa ukuphathwa kwabadllai nokwenza ehhovisi, bewenziwa wuMbele. UMbele nguyena obephawula kwabezindaba uma kuthintwa ezokudedelwa nokusayiniswa kwabadlali.
“Ngijabule ngokusebenzela iqembu elikhulu njengePirates. Ngiyethemba ngesipiliyoni sami seminyaka engu-40 ngisebholeni ngizokwazi ukusiza iqembu ekutheni liye phambili. Ngifuna ukubonga usihlalo u-Irvin Khoza ngethuba anginike lona,” kusho uBlanckensee.
UMbele ungomunye wabahlezi bekhonjwa ngenjumbane ngabalandeli uma izinto zingahambi kahle kwiBucs njengoba kwenzekile kule sizini edlule.
IBucs eqede ngaphandle kweTop 8 kwi-Absa Premiership ngempelasonto ithelwe ngehlazo iSuperSport United iyihlula ngo 4-1 kowamanqamu eNedbank Cup.
Lo mdlalo ubuyithuba lokugcina kweZimnyama ukunikeza abalandeli into abazoyijabulela njengoba iqembu lihlanganisa iminyaka engu-80 lasungulwa.
Omunye wabalandeli bokuqina beBucs, uMusa Sokhulu usanda kutshela leli phephandaba ukuthi ngeke kulunge lutho kuPirates kusekhona uMbele noStanley “Screamer” Tshabalala akholwa wukuthi baphazamisa ukusebenza kwabaqeqeshi.
“Ngeke kulunge lutho lapha uma kusekhona la madoda amabili uFloyd Mbele noScreamer. Ngisho bengalanda uJose Mourinho ngeke aphumelele ngoba la madoda yiwona aqeqesha abaqeqeshi. Phela asizona izingane. Siyabona okwenzeka eqenjini. Asikwazi ukushaywa ngezibalo zamagoli amangaka ngesizini eyodwa,” kusho uSokhulu.
Izolo imizamo yokuthola uMbele ukuthi aziphawulele ngalolu daba igcine iphunzile kwazise ucingo lwakhe luqale lakhala langabanjwa. Ekuhambeni kwesikhathi bese luvaliwe.
Kuthintwa uThandi Merafe wezokuxhumana kuPirates ucingo belukhala bese liyavalwa. Leli phephandaba libe selizama ukuthinta ihhovisi lePirates ngenhloso yokuthi lifakwe ocingweni lukaMbele kodwa owesifazane obambe ucingo uveze ukuthi kungenzeka ukuthi usehambile ngoba belungabanjwa.
Lona wesimame uthe uMbele ubekhona ehhovisi njengenjwayelo. IPirates isiqede amasizini amathathu elandelana ingawini lutho. Igcine ukuphakamisa isicoco ngo-2014 ithatha isicoco neseNedbank Cup.
Thumela umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews)