IBAFANA Bafana iwuqale kahle umkhankaso wayo wokulwela ukuzibekisela indawo
kwi-2018 African Nations Championship iguqisa ngo 2-0 iBotswana emdlalweni ebezithengana kuwo eFrancistown Stadium, eBotswana izolo ntambama.
Amagoli alethe injabulo kumqeqeshi uStuart Baxter nathambise iBotswana ebivutha ingabaselwe avalelwe phakathi umgadli weKaizer Chiefs, uRyan Moon noGift Motupa i-Orlando Pirates esimboleke iBaroka ngesizini ezayo.
Iqembu abegasele ngalo uBaxter belihlukile kunalelo ayegijima ngalo kwiCosafa Cup. Abadlali abasha abanikezwe ithuba uMoon, Teboho Mokoena weSuperSport noSibusiso Kumalo weMamelodi Sundowns.
UKumalo ungene endaweni kaLehlogonolo Masalesa ongakwazanga ukuhamba ngoba akanalo iqembu alidlalelayo. UMasalesa nguyena owayeqokwe uBaxter ukuthi abengukaputeni ngesikhathi ezakhe zidlala kwiCosafa ezingakwazanga ukuyivikela.
Umlenze olandelayo ungoMgqibelo eMoruleng Stadium, eRustenburg, eNorth West ngo 3 ntambama. Oyonqoba kulowo mdlalo uyodlala nozowina phakathi kweSwaziland neZambia.
Oyonqoba lapho uyobe esenesihluthulela sokuyodlala kwiChan eKenya nokudlala kuwo abadlali abadlala emaqenjini ase-Africa. *Khonamanjalo iSharks iguqe ngo 10-27 kwiLions emdlalweni wokugcina weVodacom Super Rugby eThekwini izolo ntambama.(ANA)