KUSHIYA imibuzo okwenziwa yi-Orlando Pirates epheka ithulula esilande abadlali abathathu kuChippa United yaboleka leli qembu lasePort Elizabeth uJustice Chabalala ongomunye wabebegqame ukubedlula bonke esiwombeni sokuqala sesizini esiqedwe yileli qembu lidonsa kanzima.
Isitobha saseNigeria uJames Okwuosa, Marc van Heerden, odlala emuva kwesokunxele noThembinkosi Lorch sebengabadlali bePirates ngokusho kukasihlalo waleli qembu u-Irvin Khoza emaphephandabeni esiNgisi angempelasonto.
Okuxakayo ngalezi zinguquko okusobala futhi ukuthi zinqala, wukuthi ubani ozenzayo ngoba leli qembu alinaye umqeqeshi ngaphandle kwebamba elingu-Augusto Palacios. Lo mqeqeshi akakufihli ukuthi uwuthanda kakhulu umsebenzi wakhe wokuqinisekisa ukuthi inkulisa yePirates ihlale ikhiqiza ubisi lwabadlali.
NgokukaKhoza, uVan Heerden uzosiza ukushubisa umbango wejezi phakathi kukaThabo Matlaba noPatrick Phungwayo. ULorch, okhombisa izimpawu zokuyazi inethi yize edlala esiswini kule sizini, ubevele engumdlali wePirates kodwa ebolekisiwe kuChilli Boys. Ulandelwe ukuthi azokwehlisa umthwalo wamagoli okwamanje omele uTendai Ndoro.
“Sithe uma siqaphela izinkinga esinazo ikakhulukazi emuva sabona bengekho abanye ngaphandle kuka-Okwuosa noVan Heerden ukusisiza kulokhu. Akekho ongazi ukuthi kule sizini sinenkinga emuva ngakho-ke nginethemba lokuthi ukufika kwalaba kuzowavala thanqa la magoli asidla kungafanele,” kusho uKhoza.
Nakuba kungaqinisekisiwe, unozinti uFelipe Ovono wase-Equatorial Guinea sengathi usethole ikhaya elisha eqenjini laseTurkey. Okuqinisekiswe uKhoza kule nkulumo yakhe wukuthi uChabalala ubolekisiwe kuChippa. Uzobuyela kuBucs uma kuphela isizini.
Nakuba esabalele amahlebezi okuthi uChabalala uya kuChippa noNkosinathi Mthiyane, Sello Japhta noDonald Mokondolela kodwa akuzange kuqinisekiswe wuKhoza kule nkulumo kanti naku-website yeqembu bekungakabhalwa lutho oluqinisekisa lokho.
Njengoba konke lokhu okwenzekayo kufanele ngabe kwenziwa umqeqeshi, uKhoza ubuziwe ukuthi kumi kanjani ngasekutholeni umqeqeshi ozovala isikhala sikaMuhsin Ertugral oshaywe iSuperSport United ngo 6-1 waqoma ukuzisulela yena.
Ngokwalesi sikhulu esingusihlalo wePSL, kunzima ukuthola umuntu okahle ukuqeqesha iqembu elifana nePirates yingakho ezinika isikhathi esanele ukucubungula izicelo zomsebenzi ezingu-10. Kulabo baqeqeshi Isolezwe lihoshe ukuthi bathathu abaseNingizimu Afrika bese kuba abayisikhombisa abangaphandle.
“Sibeke wonke amathemba ekutheni le nyanga esiphezu kwayo ithi uma isongwa sibe sesinaye umqeqeshi othi thina. Akulula ukuthola umuntu okahle kodwa sizomthola ngokushesha,” kusho uKhoza.