KUNGENZEKA yini ukuthi isilomo seCape Town City uLebogang Manyama sigcine siwele kuPitso Mosimane opheka iMamelodi Sundowns futhi ongakaze akufihle ukuthi ungumlandeli walo kaputeni weCity okulindeleke ukuthi aqokwe njengomdlali wonyaka?
Lokhu kususwe yinto ebhalwe uManyama ekhasini lakhe le-Intsagram elithi: lebza08manyama ngempelasonto lapho ebeshuthe khona amajezi oThemba Zwane noHlompho Kekana bobabili abadlalela iSundowns. Ngaphansi kwalezi zithombe uManyama ubhale ukuthi bobabili laba badlali bahamba bodwa ngokudlala esiswini.
Ngemuva kwalokhu kwenzeke okungangatshazwa ukuthi ngeke kuhlale kahle kusihlalo weCity uJohn Comitis. Ikhasi leSundowns le-twitter elaziwa ngokuthi @masandawana likuqaphelile lokhu okubhalwe uManyama lase libhala ukuthi uManyama bazombona ngokushesha. Lokhu kushiye abalandeli bayo iSundowns beqagela ngokuzokwenzeka ngalo mdlali waseGoli oneminyaka engu-26.
UComitis usanda kushiya angalazi kwiSundowns. Ubeqondise kakhulu kuMosimane abemsola ngokuthi uxhumana nabadlali bakhe ngqo abashele. Ubekhala ngokuthi uMosimane lokhu ukwenze ku-Aubrey Ngoma.
Akathandanga ukuphawula ngalokhu uComitis ngesikhathi ethintwa.
Ikhasi leDowns kwi-twitter aligcinanga ngokuthi bazobonana ngokushesha noManyama kepha liqhubeke ngokumbongela ngokudlala kahle kule sizini. Okungacaci ukuthi kuzokwenzekani ngenkontileka uManyama ayilule ngeminyaka eminingi ngoJanuwari kwiCity. Njengamanje uManyama unenkontileka kuze kube isizini ka-2020/2021 futhi uComitis usanda kusho ukuthi akukho mdlali wakhe ozohamba. Iwindi lokushintshana ngabadlali liyavula ngoJulayi 1.
Ngeke kwaphikwa ukuthi uManyama naye useke wakuveza ukuthi uyayithanda iSundowns futhi kunabangani bakhe abaningi abadlala kuyona. Njengamanje iCity inomqeqeshi omusha, uBenni McCarthy, ongakasho lutho ngabadlali. Nakuba eseholidini uManyama kunemibiko ethi akavumi kodwa futhi akaphiki ukuthi kukhona okungase kwenzeke phakathi kwakhe neSundowns. Kuthiwa umile kwelokuthi ebholeni ngeke ufunge ugomele ngokuzokwenzeka.
UManyama uqede isizini ezihola phambili ngokushaya amagoli. Ube nawu-13 emidlalweni engu-30 eshiya uTendai Ndoro we-Orlando Pirates ophelele kwawu-12.
Kusasa iSundowns inomdlalo obalulekile weCAF Champions League lapho izobhekana ne-Esperance, eStade El Menzah, eTunis, ngo-11 ebusuku. Emdlalweni womlenze wokuqala kwawina i-Esperance ngo 2-1 ePitoli.