KULOKOZA inhlansi yethemba engwazini ye-Orlando Pirates u -Edward “Magents” Motale ngokuthi umqeqeshi omusha weqembu uKjell Jonevret uzokwazi ukubuyisa izikhathi zenjabulo kuleli qembu laseSoweto.
Okuhlaba umxhwele uMotale ngendlela iPirates esidlala ngayo ngaphansi kwalo mqeqeshi odabuka eSweden, wukungaliphonsi ithawula ngisho noma izimo sezinzima.
“Okungijabulisayo wukuthi iqembu seliyakwazi ukulwa libuye noma lilandela ngemuva. Phela bese ungasakuboni lokhu kulwa iPirates eyaziwa ngakho emidlalweni edlule. Okunye wukwehla kwesibalo samagoli angena ngakithina,” kusho uMotale.
Kule sizini iPirates ibalwa namaqembu asededele amagoli amaningi kuligi. Ingenelwe ngangu-30 emidlalweni engu-20. Kulawo magoli kubalwa nayisithupha ewadedele idlala neSuperSport United neMamelodi Sundowns ngokwehlukana. Ngesikhathi uJonevret efika into ayibalulile wukuvuza kodonga lweBucs.
Emidlalweni emine aseyihlale ebhentshini bangenelwe amagoli amane. Emithathu yeligi bayidlale ngokulingana base benqoba oweNedbank Cup Last 32 ngempelasonto beshaya i-EC Bees ngo 3-1.
“Lo mphumela yiwona abebewudinga kakhulu. Ngicabanga ukuthi uzoba wukuqala kokuguquka kwezinto eqenjini. Ngokubona kwami sebedlala ibhola esilaziyo lePirates futhi sebenawo u-Plan B uma izinto zingahambi kahle emdlalweni. Osekumele sikwenze manje wukuthi kube wumkhuba wethu ukuthi kube yithina esiwashaya kuqala amagoli,” kusho uMotale.
Umdlalo olandelayo weZimnyama oweligi lapho zizovakashela iFree State Stars ngo-Ephreli 1.
Kuleli sonto iBucs ayidlali kanti isonto elizayo elemidlalo yeFifa lapho kuzobe kudlala amaqembu esizwe. IPirates ayinabo abadlali ababizelwe kuBafana Bafana enemidlalo yobungani neGuinea-Bissau ngoMashi 25 ne-Angola ngoMashi 28.
“Lesi kufanele kube yisikhathi sokuthi umqeqeshi ababheke bonke abadlali anabo ngokuthi kuhlelwe imidlalo yobungani kwazise ngesikhathi efika akazange abe nesikhathi sokubahlola. Ngicabanga ukuthi uma esebabone bonke uzobazi abangu-11 azoqala ngabo imidlalo,” kusho uMagents.
Mayelana nomdlalo weStars uthe kumqoka ukuthi bangayithathi kancane ngoba iyiqembu elihlezi libathwalisa kanzima. I-Ea Lla Koto ihleli endaweni ka-14 ku-log ihlukaniswe amaphuzu amahlanu nePirates eyibambe endaweni ka-11.
UMotale uphethe ngokuthi uma iPirates ingaqhubeka nomgqigqo wokunqoba ingazibeka ethubeni lokuqeda isizini neNedbank Cup abagcina ngayo ukuba ngompetha beyiwina ngo-2014.