CLOSE X
Advertisement

IWits ingompetha bePremiership

Ezemidlalo
KUPHELILE ngombango we-Absa Premiership njengoba sekunompetha abasha abashaya amaphiko, iBidvest Wits, ezifake emlandweni iwina isicoco sayo sokuqala ngaphansi kobuholi bukaGavin Hunt.

Lokhu ikwenze ngokuthi iguqise iPolokwane City ngo 2-0 phambi kwabalandeli bayo ebebephume ngobuningi eBidvest Stadium, eGoli.

Amagoli ashaywe uJames Keene esiwombeni sokuqala, elesibili lavalelwa phakathi isihlabani uDaine Klate othathe isicoco sakhe sesithupha seligi okumenza umdlali osewole eziningi kuPremier Soccer League.

Share this story
UMQEQESHI weWits uGavin Hunt onqobe isicoco sakhe sesine kwi-Absa Premiership. Isithombe: Gavin Barker, BackpagePix

UHunt owayenoKlate benqoba izicoco ezintathu zeligi kuSuperSport United, usethathe esesine seligi. Lesi isicoco sesibili seWits kule sizini, ingompetha beMTN 8 eyinqobe ekuqaleni kwesizini.

Okusize Izitshudeni zikhale zemuke nesicoco khona izolo, iMaritzburg United egobise uphondo izimbangi zazo iMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium, umdlalo uphela ngo 2-2.

Kuyiwe ekhefini iWits iyibambe ngesandla esisodwa indebe ngemuva kwegoli likaKeene elingene umdlalo usenemizuzu emine uqalile.

Obekuvuna iWits wukuthi ngaleso sikhathi iSundowns ibilandela ngemuva ngo 1-0 kuMaritzburg United.

Ngemuva kwegoli likaKeene awamaningi amathuba atholwe iqembu lasekhaya. Okugqamile wukuthi kubonakele ukuthi uHunt ubebadonse ngendlebe abadlali bakhe ngokuthi bangabenzi ubudedengu emuva njengoba kwenzekile emdlalweni odlule ababhudluzwe kuwo iFree State Stars ngo 3-1.

ICity ikuthole kunzima ukugqobhoza udonga lweZitshudeni, ithuba elilodwa elitholile kube eliwele uThabiso Semenya.

Indlela ebivaleleke ngayo iRise and Shine esiwombeni sokuqala ize yazama ukukhahlela ingaphandle kwebhokisi kodwa nokho awekho amashodi abeyingozi.

Nalo leli qembu laseLimpopo belifuna la maphuzu amathathu njengoba libheke ukuziqophela owalo umlando ngokuqeda kuTop 8 okokuqala kusukela linyukele esigabeni esikhulu ngo-2013.

Njengoba sebecacile ompetha imidlalo ezobhekwa kakhulu ngosuku lokugcina uMeyi 27 ileyo ezocacisa ngamaqembu azoqeda kuTop 8, elizodliwa izembe, nelizodlala kuma-Play Off namaqembu eNational First Division, iStellenbosch neBlack Leopards.

Imiphumela ye-Absa Premiership

Orlando Pirates 0-0 Ajax Cape Town, Mamelodi Sundowns 2-2 Maritzburg United; Platinum Stars 2-0 Kaizer Chiefs; Bidvest Wits 2-0 Polokwane City; Cape Town City 1-0 Golden Arrows; Baroka FC 0-0 Highlands Park; Chippa United 3-0 SuperSport United; Bloem Celtic 0-0 Free State Stars.

Share this story
Advertisement
X