UBREYTON Poole owathathwa emidlalweni kazwelonke ngo-Ephreli ongomunye wabatholele iNingizimu Afrika igolide kwi-IAAF U/18 World Championship eNairobi ngempelasonto Isithombe: BACKPAGEPIX
UMA kukhulunywa ngokuthi ngabe kuyasebenza yini ukuphekwa kwethalente abadlali besebancane kwezemidlalo, impendulo kufanele kube wukuthi itholakele emidlalweni ye-IAAF U/18 World Championship esongwe izolo eNairobi, eKenya.

Osekusele manje wukuthi iziphathimandla ze-Athletics South Africa zilekelele ekutheni noma ngabe yini abaqeqeshi abayinika intsha yakuleli eyenze kahle kule midlalo, bayaqhubeka nokuyithola njengoba libonakala liqhakazile ikusasa kubhekwe emidlalweni yama-Olympic ka-2020.

UBreyton Poole (high jump), Zazini Sokwakhana (400m hurdles), Zeney van de Walt (400m hurdles) noTshenelo Lemao (100m), abathole amagolide kule midlalo bakubadlali baseNingizimu Afrika abasukumise inkundla nomhlaba wonke ngezimanga abazigile kule midlalo.

UPoole (17) waseKapa ophekwa ePaul Roos Gymnasium ugxume U-2.24m okuwubude obudlule ngo-50cm ebudeni bakhe.

Imbangi ethole isiliva, uChima Ihenetu waseGermany, iphose ithawula ku-2.14m. UVladyslav Lavskyy wase-Ukraine uthole ithusi ngo-2.11m.

UPoole bese kubukwa yena elokhu ewatshele njalo amajaji ukuthi awanyuse ubude, uqale weqa, U-2.16m. Kuthe kusenjalo wayibeka ku-2.20m. Ubefike kule midlalo egabe ngo-2.18m. Ube eseyikhomba ku-2.22m, wase edlulela ku-2.24m aweqe esazama okwesithathu.

Leli qashana lomdlali ebelibanga namabhungu amade kunalo libe selizama ukudlula irekhodi laseNingizimu Afrika nase-Afrika likaJacques Freitag lika-2.25m licela induku ibekwe ku-2.27m nokho lahluleka wukuqopha leli rekhodi.

Ukuzimisela kukaPoole nozakwabo eNairobi ukushayele ihlombe uWayde van Niekerk oyisilomo sikampetha wama-Olympic ku-400m.

“Intsha yaseNingizimu Afrika yenza izinto ezinkulu kumaWorld Champs. Amandla. Isikhathi sethu,” kubhala uVan Niekerk ku-Twitter @WaydeDreamer.

Umdlali ohlonishwayo kwi-high jump uMutaz Barshim waseQatar uncome uPoole ngakuzuzile.

UPoole ucashunwe kwi-website ye-IAAF ethi: “Benginesineke kusukela ekuqaleni. Lokho kungenze ngazethemba ngokudlulele ngesikhathi umqhudelwano uqhubeka.”

Izolo ntambama iNingizimu Afrika bese ithole izindondo ezingu-10. URetshidisitswe Mlenga unqobe ku-200m kwathi uLemao wathola isiliva engena endaweni yesibili. UMlenga ungene endaweni yesibili ku-100m ngemuva kukaLemao.