LIZOBE libanjwe yimenenja ibhentshi kuPolokwane City uma isidudulana neMamelodi Sundowns emdlalweni wanamuhla we-Absa Premiership.
Umdlalo weligi oseLoftus Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku. IPolokwane ishiywe obengumqeqeshi uLuc Eymael ngempelasonto osejoyine iBloemfontein Celtic.
UBernard Molekwa utshele leli phephanda izolo ukuthi nguyena ebambisene noPhuthi Mohafe obeyiphini lika-Eymael abapheka iqembu njengoba lilungiselela ukubhekana ne’Downs.
“Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu. Abadlali bakulungele ukubhekana neSundowns. Silindele umdlalo onzima njengoba sebeke balahla amaphuzu , okusho ukuthi bazosithelekela kanzima. Nathi sesinesikhathi singawini, sibalindele ngoba siyazi ukuthi kungenzeka noma yini ebholeni,” kusho uMolekwa.
Emdlalweni womzuliswano wokuqala iSundowns yanqoba ngo 2-0 ekuhambeni.
Kulokhu iRise and Shine, u-Eymael ayishiye isendaweni yesikhombisa ku-log, izoya emdlalweni ngaphandle kwabadlali bayo abamqoka.
Ngokusho kukaMolekwa umgadli uRodney Ramagalela ohamba phambili eqenjini ngokushaya amagoli ayisishiyagalombili kuligi, usalulama ekulimaleni akuthola bedlala neBaroka FC emasontweni edlule. UThobani Mncwango yena usaqhubeka nokubhuquza ngaphandle njengoba abekwa icala esolwa ngokukhuluma kabi ngeqembu emithonjeni yabezindaba.
Ukumiswa kukaMncwango kusolwa ukuthi ngezinye zezithathu ezenze * -Eymael agcine eshiyile kanti kuvela nokuthi usihlalo weqembu wangena nezicabha ezindlini zokushintshela washiya angalazi ngemuva kokuthi bebambane ngo 0-0 nabakhaya iBaroka.
UMolekwa uthe: “Besingalindele ukuthi umqeqeshi uzoshiya, kusithusile.”
Uthe imininingwane ingatholakala kusihlalo uJohnny Mogaladi. Nokho uMogaladi inombolo Isolezwe elinayo ibikhala kodwa ingabanjwa.
“Thina sitshelwe ukuthi yithina esizobamba okwamanje. Usihlalo uyena ozoba neminingwane ngokuthi kwenzakaleni ngomqeqeshi, ngeke ngiphawule kulokho,” kusho uMolekwa.
Ngokuthola kwaleli phephandaba uMncwango akanayo nencwadi emumisayo eqenjini, watshelwa ngomlomo. Usalindele ukuthi kulalelwe icala lakhe. Inkontileka yalo mgadli nePolokwane izoze iphele ngesizini ezayo.