KUBANJWE umoya ekhempini ye-Algeria efike kuTotal Africa Cup of Nations (Afcon) ithwelwe ngeqoma ukuthi izobhubhisa njengoba ingase iwashe ijezi kweyamaqoqo kwazise ikhale ngaphansi kuTunisia kokaGroup B izolo ntambama, eStade de Franceville, eFranceville, eGabon.
Lokhu kungenxa yokuthi i-Algeria isaphumelele ukuqoqa iphuzu elilodwa emidlalweni emibili kanti izovala iqoqo ngonzima kakhulu njengoba izodudulana neSenegal ezihola phambili ngokukleliswa kwamazwe e-Afrika. Lo mdlalo ungoMsombuluko. Ngalolo suku iTunisia izobe ibhekene neZimbabwe.
Njengoba bekulindelekile womabili la maqembu esenhla nase-Afrika abengancengani yize bekuyi-Algeria ebonana kangcono. Nokho iTunisia isheshe yakhombisa ukuthi izoma emuva bese iphuma ngesivinini okuyinto ebiyisebenzela kwesinye isikhathi kodwa kufike kubhede uhlelo kubagadli bayo uma kwenzekile bafika phambi kwamapali e-Algeria.
Obekungalindelekile ukuthi i-Algeria iqale lo mdlalo ngaphandle kukaRias M’bolhi (olimele) okungunozinti wayo wokuqina futhi uyena oyilamulele kuZimbabwe emdlalweni odlule lapho bebambane khona namaWarriors ngo 2-2.
Esiwombeni sokuqala uSlimani uhlulwe ithuba elilula ngekhanda engamakwe muntu lo mgadli weLeicester City yase-England eliqondisa ngqo ku-Aymen Mathlouthi ongukaputeni futhi ongunizinti wompetha be-Afcon bango-2004, iTunisia. Ngoka-20 umzuzu noka-23 ngokuhlukana uYoussef Msakni weTunisia naye udlale ngethuba kade kuyikhona wamlandela noRiyad Mahrez wenza okufanayo.
Umfutho we-Algeria nokuhlupha kukaSlimani obekubhoke esiwombeni sokuqala kube iwona futhi oqapheleka ngokushesha sezibuya ekhefini. Nakhona lapho i-Algeria ibisawuphethe umdlalo kodwa ingeyona
ingozi. ITunisia iyona eyibone kuqala inethi ngonyawo lukaMsakni kodwa lashaya kukaputeni * -Assia Mandi umkhonto ugwaza ekhaya ngoka-50.
Kusabatshazwa lokho, uFaouzi Ghoulam wenze iphutha elikhulu ededela uWabbi Kazri aphinde wamwisa esebhokisini kwadaleka iphenathi ethathwe uNaim Sliti oyibeke enethini ngoka-66.
Ngemuva kokungena kwala magoli ibisalokhu iqhubeke njalo nokuzama i-Algeria kodwa kuze kwaqala isikhathi esengeziwe kwayima uSofianeHanni eshaya elokubika ekhaya le-Algeria.