UPAUL Mitchell oyimenenja kaKeagan Dolly akakugqizi qakala okushiwo yiMamelodi Sundowns ngaye ngemuva kokuthi lo mdlali esayine amasizini amane nesigamu neqembu laseFrance iMontpellier.
Usuku lwangoLwesihlanu lushone sekusabalele imibiko ebithi uDolly usesayinile neMontpellier ngemuva kwesikhathi eside imenenja yakhe uMitchell neSundowns bebambene ngezihluthu ngemali okufanele amaBrazilians ayithole ngalo mdlali.
Exoxa neSolezwe ngeSonto uMitchell, uthe ujabule kakhulu ngokuthi umdlali wakhe ekugcineni usayinile neMontpellier ngemali enhle kakhulu, okunye okushiwo ngaye akanandaba nakho ngoba ngeke kumsize ngalutho.
“Ngingakuqinise-kisa ukuthi ngithokoze kakhulu ngendaba yokusayina kukaKeagan (Dolly).
“Simtholele inkontileka enhle kakhulu.Kodwa ngiyahluleka ukuqonda ukuthi kungani ngibizwa ngomuntu onamanga ngoba mina engangikwenza ngangikwenzela umuntu engiphethe izindaba zakhe zebhizinisi.
“Uma kwakukhona ukushayisana ngombhalo osenkontilekeni kwakufanele ngithalalise ngingakhulumi ngakho?
“Ngibonile nje kwi-website yeSundowns ngibizwa ngomuntu onamanga okuyinto enginganandaba nayo ngoba ngeke ingiyise ndawo,” kusho uMitchell.
ISundowns idalule incwadi eqhamuka kwiManchester City ebimemela uDolly ukuba azokwenza izivivinyo esikhungweni sayo iCity Football Academy, lapho ebezoqala adlale khona okwesikhashana.
Kule ncwadi iSundowns izwakalisa ukuphoxeka kwayo ngamanga nokuphanjaniswa kwezinto obekwenziwa uMitchell nobekwenza ukusebenzisana kube lukhuni satshe.
Kuyona le ncwadi abeSundowns baqinisekisa ukuzibophezela kwabo njengoba kwakusho umengameli wayo uPatrice Motsepe, ukukhulula lo mdlali eqenjini elizokhokha konke okudingwa yiqembu njengombandela wokuthi kufanele kukhokhwe malini ngaye uma kukhona iqembu elimdingayo.
, okwaphinde waqinisekiswa yiPSL Dispute Resolution Chamber.
...THOLA udaba oluphelele noluhluba udlubu ekhasini kusasa ngeSonto kwelakho iphephandaba...