UKUBE umqeqeshi weMamelodi Sundowns ungumculi kaMaskandi mhlawumbe igama elimfanele yileli elithi “iS’çhomane”.
Kwalile kuMosimane ukwamukela ukuthi iqembu lakhe lihlulekile ukuvikela isicoco se-Absa Premiership libanjelwa ekhaya yiMaritzburg United ngo 2-2 eLucas Moripe Stadium ngeledlule.
Umphumela namagalelo eBidvest Wits eshaye iPolokwane City ngo 2-0 eBidvest Stadium, kuqede konke ukuqagela nokushaya izibalo ngokuthi sizoya ngakuphi isicoco seligi kule sizini.
Esikhundleni sokuthi uMosimane abongele iWits ngokudla umhlanganiso, noma-ke agxile ekutheni iqembu lakhe libanjwe kanjani yi-United, uthe alikho iqembu elizodlula lokhu okuzuzwe yiSundowns kule sizini.
Ephawula ngemuva komdlalo ubonge kancane iWits ngesicoco, wase egcizelela kwelokuthi alikho iqembu elingaqhathaniswa namaBrazilians.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu lami. Namanje sisesembangweni wokuqeda endaweni yesibili kwi-log. Sesidlale cishe imidlalo ewu-56. Ngeke usiqhathanise namuntu, akekho ongakhuluma.
“Ngeke uthi ugijima kwiComrades Marathon namhlanje bese kuthi ngesonto elizayo ungihlule kwiTwo Oceans bese uthi ungcono, ekubeni ubuhlezi uziqeqesha ngesikhathi mina ngigijima. Hhayi, ayisebenzi kanjalo. Kumele uqhathanise ama-aphula nama-aphula. Kufanele ugijime umjaho ofanayo nami bese siyakhuluma-ke. Siwine iChampions League neSuper Cup, okuyizicoco ezinkulu,” kusho uMosimane.
UMosimane sekuwumkhuba wakhe ukuchoma ngempumelelo yeSundowns engeke ingatshazwe. Ngesikhathi iSundowns ishaywa yiWits ngo 3-0 kowamanqamu weMTN 8, uMosimane wathi amanzi amancane lawo bona babheke izinto ezinkulu njengokudlala kuFifa Club World Cup neSuper Cup.
Uphinde wakhwela wadilika kwi-United eyisola ngokuhlala emuva.
“Lena yindlela elula yokuqeqesha abadlali, uthi hlalani emuva nilindele iSundowns ize kinina. IPirates kuphela edlala ibhola. NoDan (Malisela kuChippa United) uyawuvula umdlalo,” kusho uMosimane.
Ngaphambi komdlalo ukuvezile ukuthi ukube iPirates neSundowns abenzanga kahle ngabe iWits ayilitholanga ithuba lokubhekana ne-Al Ahly.
IWits ikhishwe yi-Al Ahly yase-Egypt esigabeni sokuhlungela amaqoqo kwiChampions League yalo nyaka.