KUNYOMFEKE izinhlelo zokuthola iqembu ku-Evans Rusike weMaritzburg United, kushona imenenja yakhe u-Edzai Kasinauyo okuvela ukuthi ubemzamela kwelinye lamakhulu eNingizimu Afrika.
UKasinauyo (42) waseZimbabwe ushone ngoLwesihlanu eDonald Gordon Medical Center, eGoli. Wafika kuleli okokuqala ngo-1999 ezodlala kwiCape Town Spurs eyayiphethwe nguJohn Comitis osengusihlalo weCape Town City. UKasinauyo udlale emaqenjini amaningi okukhona kuwona iMoroka Swallows, Ajax Cape Town neHellenic.
EDZAI KASINAUYO
Uyeke ibhola ngo-2008 wathatha umsebenzi wokuba yimenenja yabadlali okukhona kubona uRusike, Khama Billiat weMamelodi Sundowns, Willard Katsande weKaizer Chiefs noBlessing Moyo odlala kwiMaritzburg.
Kuvele ukuthi uKasinauyo ubekade esegxile kuleli kusukela ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngenhloso yokuthola ukwelashwa.
Umthombo osondelene noRusike uveze ukuth uKasinauyo unqotshwe wukufa ematasa ezamela lo mdlali iqembu azogijima kulona ngesizini ka-2017/2018. URusike ungomunye wabadlali abayinyama beTeam of Choice. Sekunesikhathi kuvela ukuthi ufunwa yiChiefs ne-Orlando Pirates.
“Kumanje uRusike akazi ukuthi kuzokwenzekalani. UKasinauyo ubemtshela ukuthi kukhona amzamela khona eNingizimu Afrika,” kusho umthombo.
URusike kumanje useZimbabwe lapho elinde khona ukuthi atholelwe elinye iqembu azodlala kulona. Njengoba enenkontileka esalelwe yisizini eyodwa neTeam of Choice, iqembu elimfunayo kufanele lifongqe isingqoko kuyona. Ngaphambi kokuphela kwesizini umthombo uveze ukuthi uRusike ngeke abuyele kwiTeam of Choice ngesizini ezayo kwazise maningi amaqembu amfunayo okukhona kuwona nelaphesheya kwezilwandle.
Ekuqaleni kwesonto kusabalale imibiko yokuthi iMaritzburg ifuna uR5 million kwiPirates ngoRusike.
Nokho usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, usalokhu emile kwelokuthi akadayisI lo mgadli.