INTOKOZO kaMarc van Heerden no-Abbubaker Mobara yokusayina eqenjini abaqale ukuphupha ngalo besengabafanyana, i-Orlando Pirates, iphenduke usizi sekubacacela ukuthi isizini ye-Absa Premiership ka-2016/2017 izoba mnyama njengesiqubulo seqembu.
Laba badlali bafike kwiBucs besuka kwiChippa United ne-Ajax Cape Town ngokwahlukana kwabo lilikhulu isasasa kwazise eZimnyama zizogubha iminyaka engu-80 zasungulwa. Esikhundleni sokujatshuliswa wukuthi bagcine besayinile kwiBucs kuvele kwenzeka okunye.
Ebuzwa ngalokhu uVan Heerden esithangamini nabezindaba izolo emini, lapho bebematasa khona ngamalungiselelo owamanqamu weNedbank Cup neSuperSport United eThekwini ngoMgqibelo, uthe akumphethe neze kahle.
“Ukusayina eqenjini elinjengePirates kuyisibusiso kuwona wonke umdlali kodwa uma usuzohlangana nabalandeli bakho kube yibona abakhuluma amagama alumelayo kuwena kuba nzima. Nakuba kunjalo kodwa kumele simelane nalokho ngoba abalandeli bakhuluma kabi bebhekise kithina nje abakususeli ekhanda lokhu. Kumele sikwamukele noma kunzima,” kusho uVan Heerden.
Ephawula ngalokhu uMobara uthe ukuba bekuya ngaye ubengeke ayijoyine kule sizini iPirates ngendlela izinto ezingazange zihambe kahle ngayo.
“Ebengikwazi wukuthi ukudlalela iPirates kuwumthwalo ongeke wawubalekela inqobo nje uma uligqoka leli jezi. Ngokwami bonke ubunzima esibhekane nabo kule sizini bekwakha abadlali abazobuya kumasizini ezayo seluqine ngendlela eyisimanga ukhakhayi. Siyazi ukuthi sibe nesizini embi kodwa sinethuba lokuyilungisa,” kusho uMobara.
Kule sizini iPirates iqede ngaphandle kwe-Top 8 okokuqala ngqa kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) eminyakeni engu-21 edlule. Iphinde yashaywa ngo 6-1 yiSuperSport, yaphindwa yiMamelodi Sundowns ngo 6-0. Emidlalweni engu-30 yeligi idlale ngokulingana kwengu-15.