‘NGIZWA injabulo engachazeki ngaphakathi kimina uma ngiqalaza abadlali abakhona ekhempini yeBafana Bafana ngoba cishe bonke ngiyabazi ngikhule nabo ngahlabana ngokuningi nabo ikakhulukazi eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20 esikhishwe kuyona iGhana ngo-2009.’
Lawa amazwi ashiwo uKermit Erasmus obuye ngegoli ekuzidingiseni yena kuBafana kulandela ukungaboni kwakhe ngaso linye nobengumqeqeshi * -Ephraim “Shakes” Mashaba. U-Erasmus ungomunye wabashayele iBafana amagoli benqoba ngo 3-1 kuGuinea Bissau kowobungani eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.
Ngokusho kuka-Erasmus akubona ekhempini yilokhu izikhulu zeSafa ezihlale zishumayela ngakho ukuthi izikwati ezincane zimqoka ngoba yizona ezibumba iBafana yakusasa.
“Kuliqiniso ukuthi kunenqwaba yamathuba amahle obekumele siwasebenzise ngendlela kodwa lokho kwangenzeka ngenxa yamaphasi amaningi. Akekho noyedwa engingamsola kulokhu ngoba kusuke kwavuka iminjunju kithina sonke. Iningi labadlali abebesenkundleni likhule ndawonye.
“Okwenzeke kithina sikhishwa iGhana ku-Last 16 yeNdebe yoMhlaba ngo-2009 kusisondeze eduze manje uma sesihlangana kuzokwenzeka lokhu okwenzekile. Sesikhulile manje ngakho kumqoka ukuthi sidlale ngendlela ekhomba lokho. Sizowalungisa amaphutha ethu yikhona nje ukuthi besisahaqwe yinjabulo yokuphinde sihlangane futhi,” kusho * -Erasmus osezinze eFrance.
Ngaphandle kwakhe * -Erasmus abanye ayenabo kulo mqhudelwano akhuluma ngawo asenabo manje kuBafana uRamahlwe Mphahlele, Thulani Hlatshwayo, Kamohelo Mokotjo, Thulani Serero no-Andile Jali. Abanye abadlali ababekhona lapha kodwa abebengekho kule Bafana ka-Owen Da Gama uSibusiso Khumalo, George Maluleka, Mandla Masango nabanye abaningi.
U-Erasmus uthe ulibona liqhakazile ikusasa leBafana uma uzohlanganisa bona bese uxhuma abadlali abafana noKeagan Dolly, Lebohang Manyama, Percy Tau, Luther Singh noPhakamani Mahlambi.
Lo mdlali ukhuluma kanjena nje uDa Gama uthe ukholwa ukuthi noma ubani ozothatha lo msebenzi uzothola iqembu eliqinile futhi elihlangene ngendlela eyisimanga.
“Ozothola leli qembu uzobe uhlabene ngabadlali abazanayo ukuthi badlala kanjani. Sinendlela yethu yokudlala futhi uma siyilandele ngendlela akekho esingeke simthwalise kanzima. Sidlala amabhola amafushane namaphasi aseduze bese sikubulala ngejubane,” kusho uDa Gama ebonakala ukuthi uyazizwa.