UMQEQESHI weBloemfontein Celtic, uLehlohonolo Seema, uthe uyazi ukuthi i-Orlando Pirates ayiqinile kuphi yingakho eyishaye ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium eSoweto, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli ashaywe nguLantshene Phalane noTshepo Rikhotso eCeltic, elokubika lePirates lashaywa ngukaputeni * -Oupa Manyisa.
“Ngicabanga ukuthi Pirates siyiqale kahle. Besifuna ukuyibamba lapho ingaqinile khona. Besinenkinga ngesikhathi sibona abadlali babo abayisikhombisa abaqale umdlalo. Kodwa sibonile uma umdlalo ulokhu uqhubeka ukuthi badlala ngendlela efanayo yize beshintshe abadlali,” kusho uSeema.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi asiqhubeke neqhinga lethu yize beshintshe abadlali. Bengazi kufanele sibambe uManyisa anganyakazi noTendai Ndoro.”
USeema wake waba ngukaputeni wePirates eminyakeni edlule. Uncome abadlali bakhe ngakubize ngokuthi wumsebenzi omuhle wokushaya iPirates e-Orlando Stadium.
“Ngibongela abadlali bami ngomsebenzi omuhle ngokuthi sithole amaphuzu amathathu e-Orlando,” kusho uSeema.
Uthe yena usafunda ebholeni wathi ufikelwe wumunyu ngesikhathi ebuya njengomqeqeshi ezobhekana neqembu ayelidlalela.
“Cha, bengingenzeli ukuzibonakalisa kuPirates. Ngisengumfundi ekuqeqesheni. Ngiyohlale ngimbonga usihlalo weqembu * -Irvin Khoza ngangenzela kona phambilini. Ngifikelwe umunyu kodwa ngenze obekufanele nengiqashelwe kona. Kuhle ukuthi ngisiphasile isivivinyo sami sanamuhla,” kusho uSeema.
Uthe abaphathi beqembu abanayo ingcindezi yokufuna omunye umqeqeshi uma bona besaqeqesha kahle.
“Akulula. Abaphathi bathi bafuna umqeqeshi kodwa uma sisadlala kahle abanayo ingcindezi yokuthi babheke omunye masinyane. Angikucabangi nokucabanga ukuhola leli qembu ngokugcwele. Mina ngithanda ukuqeqesha kuMultiChoice Diski Challenge.”
USeema uthe akanankinga uma abaphathi bethatha isinqumo sokuqasha omunye umqeqeshi ngonyaka ozayo.
“Bazobe bengonanga lutho uma beqasha omunye umqeqeshi ngesizini ezayo. Mina ngisafunda. Ngizojabula uma bethola omunye bangibuyisele kuMDC ngiqhubeke nokufunda,” kusho uSeema.
Ukubheka ama-video ngezinye zezinto ezenza kube lula ukufunda iqembu osuke udlala nalo.
“Yebo bengibheka ama-video abo ngaphambi kwalo mdlalo. Manje kulula ngoba kunama-video. Uyahlala ubheke ukuthi baqine kuphi nokuthi yikuphi lapho bebuthaka khona. Bengingazi ukuthi abaqeqeshi abalali bebheka ukuthi abadlali badlala kanjani. Okuhle ukuthi abashintshanga indlela abadlala ngayo.”
Lo mqeqeshi uthe badinga umgadli ozobashayela amagoli kodwa kufanele kube ngabaphathi abamnikeza ilungelo lokusayina lowo mgadli.
“Ngeke ngithi ngizothenga baphi abadlali. Ngizobheka ukuthi singathenga bani uma bekhona abadlali esibabonayo esingabathenga. Kodwa ngizobheka ukuthi singathenga bani uma abaphathi benginika ithuba lokwenza lokho. Phambili vele siyashoda, sidinga umdlali ozokwenza izinto zenzeke,” kusho uSeema.