UMDLALI weMamelodi Sundows uSoumahoro Bangaly uthi abanavalo noma ngabe badlala naliphi iqembu njengoba inhloso kuwukuvikela isicoco seCaf Champions League Isithombe: BACKPAGEPIX
UMDLALI weMamelodi Sundowns uSoumahoro Bangaly uthi inhloso yabo enkulu wukuvikela isicoco akukhathalekile ukuthi basivikela kubani.

Uthe akusho lutho kubona ukuthi badlala neWydad noma ne-Al Ahly ehlonishwa i-Afrika yonke ngamagalelo ayo kwiCaf Champions League. I-Al Ahly yase-Egypt iyona ephethe izicoco eziningi zeChampions League. Isinqobe eziyisikhombisa.

ISundowns evikela isicoco seChampions League iqede endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo eyisithupha.

Abafana Ba Style bazodlala neWydad Casablanca yaseMorroco kuma-quarterfinal.

Umlenze wokuqala uzodlalelwa eNingizimu Afrika ngempelasonto kaSepthemba 8 kuthi owesibili udlalwe ngekaSepthemba 15 ekuhambeni.

Ekhuluma ngemuva komdlalo weSundowns ne-AS Vita Club eLucas Moripe Stadium emasontweni amabili edlule UBangaly ukusho kwagcwala umlomo ukuthi alikho iqembu abalisabayo kwiChampions League.

“Yithina esingompetha balo mqhudelwano ngakho alikho iqembu esifuna ukuligwema. Amaqembu yiwona okumele alwele ukugwema thina. Ukuthi sidlala neWydad noma ne-Al Ahly lokho akuthi shu lapha kithina. Lapha kuSundowns asikhethi ukuthi sidlala nobani. Inhloso yethu enkulu wukuvikela isicoco. Iyona into esizikhathaza ngayo hhayi ukuthi sidlala nobani,” kusho uBangaly.

Emidlalweni edlule uBangaly wenze inqwaba yamaphutha agcine edlisele iqembu. Amaphutha kaBangaly aholele ekutheni agxekwe ngabalandeli bebhola kuleli.

Emdlalweni wamaqoqo eCaf Champions League uBangaly udlisele iSundowns ngesikhathi ibhekene ne-Esperance. Abafana Ba Style bagcina beguqiswe ngo 2-1.

UBangaly wayengaqali ukwenza iphutha njengoba ashaya igoli ngakubo emdlalweni obalulekile bebhekene neKaizer Chiefs koweligi e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli.

“Amaphutha ngiwenzile futhi ngifundile kuwona. Umqeqeshi (uPitso Mosimane) uhlale engiseka ngaso sonke isikhathi. Uhlale ahlale angikhumbuze ukuthi ngingumdlali oseqophelweni eliphezulu. Lokhu yikona okungikhuthazayo.” kusho uBangaly.