SINGENA ezintangeni isikhulu se-Orlando Pirates, uFloyd Mbele, ngokumataniswa kobengumqeqeshi weFree State Stars, uGiovanni Solinas neBucs ngemuva kokuthi lo mqeqeshi wase-Italy esule isigubhukane kuStars esibalwa namaqembu okufanele abhukule kakhulu kulo nyaka uma engazimisele ngokuwela ezembeni.
Ukushiya kukaSolinas, oneminyaka engu-48, kuqinisekiswe iStars esitatimendeni esithumele izolo lapho ithe bahlukane kahle ngaphandle kokudonsisana.
UMuhsin Ertugral, obecija iBucs, uhlulwe ukumela ihlazo lokuxetshulwa yiSuperSport United ngo 6-1 waqoma ukusula eqenjini. Kusukela ngaleso sikhathi iPirates inike * -Augusto Palacios isikhundla njengebamba ngesivumelwano sokuthi izoqasha umqeqeshi uma kuqala lo nyaka.
Nokho iPirates isibuyele emsebenzini kodwa uPalacios usaqhubeka nokuyiqeqesha. Ezakamuva zithi uSolinas usula kungalindele muntu kuFree State nje, yingoba useqede konke neBucs futhi angase amenyezelwe njengomqeqeshi wayo ngokukhulu ukushesha.
Yize abazazi zonke ezePirates bekhuluma kanjalo kodwa isikhulu saleli qembu, uMbele, sithe bamatasa benza ngakho konke okusemandleni ukuthi baqashe umqeqeshi omusha ngokushesha kodwa akulula.
“Ukuqasha umqeqeshi akuyona into encane ngakho-ke sisebenza ubusuku nemini kodwa kwalokho akusho ukuthi kulula. Lezi zinto zithatha isikhathi manje kunzima kimina ukuthi ngingakunabela ngebanga esesilihambile. Kodwa senza konke okusemandleni ukuthola umqeqeshi ozosibeka ezingeni elisifanele,” kusho uMbele.
Omunye wemithombo yeSolezwe, engaphakathi kuPirates, usitshele ukuthi bekuvele kunguSolinas ofunwa yiPirates ngaphambi kokuqasha * -Ertugral kodwa kwaphinde kwangalunga. Ebuzwa ngalokhu uMbele uphike wama ngentaba.
“Akulona iqiniso ukuthi sake sakhuluma noSolinas ngaphambi kokuthi siqashe * -Ertugral.”
Leli phephandaba libe selibuza kuMbele ukuthi njengoba uSolinas eseshiyile kuFree State ngabe sebezoqala yini bakhulume naye wathi: “Angijwayele ukuphawula uma kukhulunywa inzwabethi ngakho-ke nakulokhu ngizokwenza into efanayo.”
USolinas usebuya okwesibili kuFree State kodwa imiphumela isalokhu iqhubeke njalo nokumphika njengoba behleli kunombolo-14 ku-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-15.
Akungabazeki ukuthi umqeqeshi onjengoSolinas uzoyisiza iPirates kwazise usekhombisile ngesikhathi esincane efikile ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abanekhono. Okunye akwenza eqenjini lase-Saudi Arabia i-Al-Faisaly FC (Harmah) ngo-2013 wukulisusa engozinini yokuthi ligawulwe yizembe walibeka endaweni yesithathu ku-log. Nabanye babalandeli bePirates abakhulume neSolezwe ngendaba yomqeqeshi balivezile igama lalo mqeqeshi wase-Italy.
USerame Letsoaka osanda kuxoshwa kuCeltic uyena ozovala isikhala sakhe.