UMA kuya ngokufisa komqeqeshi we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, isixhanti sezimbali wukuphela kwesipho esizotholwa nguzakwabo kwiSuperSport United, uStuart Baxter, ozobe ehleli okokugcina ebhentshini laleli qembu lasePitoli kusasa kowamanqamu weNedbank Cup.
UBaxter ozothatha umsebenzi wokupheka iBafana Bafana ngokugcwele, “uzovalelisa” kwi-United ngalo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-8.15 ebusuku.
Ngokujwayelekile umuntu ovalelisayo isifiso kusuke kuwukumnika imicabango emihle kuphela ngalabo abashiyayo, kodwa ngokukaJonevret, beyiPirates kabazimisele neze ngokuba yingxenye yalokho.
“Uma ningakwazi ukuwina indebe, ningamnikeza izimbali,” kusho uJonevret obebhekise kwiphini likaBaxter, uKaitano Tembo ngesikhathi benesithangami nabezindaba izolo emini eMabhida.
UTembo ubephendula umbuzo mayelana nokuthi ngabe ingakanani intshisekelo ekhona kubadlali yokunika uBaxter isipho esihle sokumvalelisa.
“Ngicabanga ukuthi kukhulu uStuart asekwenzele iqembu nabadlali. Ngokuthi sizomvalelisa kanjani, besingakaze sikukhulume lokho.
"Ngicabanga ukuthi naye azokusho wukuthi okubalulekile yiqembu nabadlali, ngakho okwethu wukuthi sigxilise imiqondo yethu emdlalweni, siwine,” kusho uTembo.
UBaxter ubengekho kwisithangami sayizolo, kuthiwe usabanjwe amalungiselelo eBafana ezodlala koweCosafa, kodwa kuqinisekisiwe ukuthi uzobe ekhona ebhentshini kusasa. Lo mqeqeshi unendebe eyodwa kuMatsatsantsa, okuyiyona le yeNedbank abayinqobe nyakenye behlula iPirates ngo 3-2 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UTembo uthe yize kungagxilile emakhanda abo kodwa bangathanda ukuyivikela le ndebe. Uma benze njalo bazoba yiqembu lokuqala ukwenza ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
“Asinayo ingcindezi (yokuvikela isicoco) kodwa yinto esingathanda ukuyizuza.”
UJonevret uthe abantu ahlangana nabo emagalaji nasemigwaqweni bamnike izeluleko ngokuqeqesha iPirates, yibona kanye afuna ukubanqobela
indebe. Uthe eMabhida yilapho bezoshiya khona zonke izithukuthuku zabo ukuze bavale kahle isizini ka-2016/2017 ebe nezivuvaba kweZimnyama.
Lo nyaka iPirates ibibheke ukuthi ibhiyozele ukuhlanganisa iminyaka engu-80 yasungulwa ngokunqoba izindebe. Nokho ayikwazanga ukunqoba ezimbili ezikhona kuPSL, iMTN 8 neTelkom njengoba isisele kweyeNedbank. Izinto azihamba nakahle kuligi njengoba iqembu liqede ngaphandle kweTop 8, okusho ukuthi ngeke idlale kuMTN 8 ngesizini ezayo.
“Asiyilutho ngaphandle kwabo. Ngiyazama ukuxoxa nabo uma ngithola ithuba. Abantu engihlangana nabo emagalaji nasezindaweni zokudla, lokhu sikwenzela bona. Siyazikhandla ngenxa yabo.Leli yithuba lokuthi kubekhona esikwenzayo. Nginesiqiniseko wonke umuntu uwulungele 100% umdlalo ukuze alwele iPirates,” kusho Kjell.