ISITOBHA se-Ajax Cape Town, * -Eric Chipeta, sishumayela ivangeli lobumbano kuleli qembu eliphikwa yimiphumela phezu kokuba selishintshe umqeqeshi.
I-Urban Warriors iyiqale kabi isizini ka-2016/2017, yadlala imidlalo eyisishiyagalolunye ingawini. Ukubhimba kwezinto kuholele ekutheni asule umqeqeshi uRoger de Sa osethathe umsebenzi zokupheka iMaritzburg United. Nakuba umqeqeshi omusha, uStanley Menzo, efike wathembisa kodwa leli qembu seliphindele obhukwini. Emidlalweni emithathu yakamuva, i-Ajax ayikaze iwine. Isihlulwe kabili okukhona nomdlalo ebhabhadiswe kuwona yiBidvest Wits ngo 5-0 emasontweni adlule.
UChipeta, obegijima kuChippa United ngesizini edlue, ufike ku-Urban Warriors ekuqaleni kwesizini.
“Ayikho inkinga esinayo eqenjini engingayikhomba eyenza sihluleke ukuwina imidlalo. Kudingeka singabadlali sibumbane, sisebenze ekutheni sishaye amagoli, nasekuvimbeni ukuthi angangeni ngakithi. Njengeqembu ngikholwa wukuthi sidlala kahle kodwa singenelwa amagoli kalula,” kusho uChipeta waseZimbabwe.
“Ngiyakholwa wukuthi isifiso sethu sokuqeda kuTop 8 sisengafezeka. Siyiqale kabi isizini kodwa emuva kokufika komqeqeshi omusha izinto zikhombise ukuhlangana. UMenzo ungumqeqeshi osondele kakhulu kubadlali futhi ulethe izinga elicokeme endleleni izinto okufanele zenziwe ngayo eqenjini.”
I-Ajax isendaweni ka-11 ku-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-19 emuva kwemidlalo engu-18. Ingelinye lamaqembu amane kuPremiership asengenelwe amagoli angaphezu kuka-25 emidlalweni yeligi. Amanye yiBaroka (27) esemsileni, Highlands Park (34) ne-Orlando Pirates (27).
Amaqhinga kaMenzo azophinde avivinywe uma i-Ajax isibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership e-Athlone Stadium, eKapa, kusasa, ngo-8.15 ebusuku. Lo mdlalo abaphathi be-Urban Warrios kade bewuzamela ukuthi udlalelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini kodwa yabachitha iPremier Soccer League (PSL).
“Ngokwezinga labadlali iChiefs ingaphezulu kunathi, abantu abaningi sebevele bazitshele ukuthi sesihluliwe. Kodwa-ke konke kusezandleni zethu, sinalo ithuba lokuthola amaphuzu amathathu. Kudingeka sisebenze ngokuphindiwe,” kusho uChipeta.
“Kusinikeze ukuzethemba ukungahlulwa emdlalweni odlule sibhekene nePolokwane. Umfutho esiwukhombisile kufanele sakhele phezu kwawo. Uma singenza lokho, singawathola amaphuzu kuChiefs.”
IChiefs, esanda kusunduzwa esicongweni se-log, izobhekana ne-Ajax ihambela phezulu kulandela ukuhlula iHighlands Park eThekwini ngempelasonto edlule. Inamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-18.