UKUQALA kahle isizini kweLamontville Golden Arrows kufakazelwe wukuqokwa komqeqeshi weqembu uClinton Larsen njengobaqwaqwade emakhanda bonke abaqeqeshi be-Absa Premiership ngoSepthemba nango-Agasti.
Lo mqeqeshi waBafana Bes’thende unikwe umklomelo ehambisana nomdlali oshaye into ecokeme ngalesi sikhathi uLorenzo Gordinho weKaizer Chiefs. Lokhu kwenzeke izolo emahhovisi ePremier Soccer League (PSL) eGoli.
ULarsen ube ngumqeqeshi wokuqala kule sizini ka-2016/2017 ukuwina umklomelo wenyanga. Kuke kwaba nesikhathi lapho Abafana Bes’thende bewine khona imidlalo emine ilandelana nokwenza bahlala esicongweni ku-log ye-Absa Premiership. ULarsen wehlule umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, naye oke weza kahle ngalesi sikhathi neqembu lakhe.
UGordinho, odlala maphakathi emuva kuChiefs, ushayele iqembu lakhe amagoli abalulekile ngalesi sikhathi. Abagadli baMakhosi bebebuthuntu phambili kusanda kuqala isizini kodwa lo mdlali waseBenoni ukwenze umsebenzi wakhe ukushaya amagoli. Uyaqala ukuwina umklomelo wenyanga selokhu akhushulelwa eqenjini elikhulu leChiefs. Ngesikhathi kunekhefu le-Africa Cup of Nations, esongweni ngeSonto eGabon, uGordinho uke wayozama inhlanhla phesheya kwezilwandle, e-England naseDenmark kodwa kwagcina kungalunganga. Nokho libukeka liqhakazile ikusasa kuyena ngoba useneminyaka engu-22 kuphela.
ULarsen uthe imthokozisile indlela abaqale ngayo beqoqa amaphuzu abalulekile.
“Siqale kahle kakhulu sathola amaphuzu
angu-10 emidlalweni emihlanu. Bekubalulekile ukuthi senze kahle ngemuva kokuthi siqede endaweni yesishiyagalolunye ngesizini edlule,” kusho uLarsen.
Uthe akakaze akucabange ukuqeqesha iqembu lesizwe iBafana Bafana ngoba kusamele azakhele igama ekuqeqesheni.
“Mhlawumbe ngelinye ilanga ngizokwenza kahle njengomqeqeshi weqembu engikulona njengamanje bese ngiyabizwa ukuthi ngiyocija iqembu lesizwe. Okwamanje lowo msebenzi ungenziwa abaqeqeshi abafana noGavin Hunt,” kusho uLarsen.
“Thina njenge-Arrows sibheke ukuqeda endaweni yesishiyagalombili hhayi ukuwina iligi. Kunamaqembu amakhulu asesezansi, okubalwa kuwo i-Orlando Pirates, asazolwelwa ukuthi enyuke.”
Lo mqeqeshi uthe uyakuqonda ukuthi bebengakenzi kahle uma kukhulunywa ngokushaya amagoli.
“Siyabona ukuthi sinamagoli angu-15 ngemuva kwemidlalo engu-15. Sibheke ukuthi silungise kubagadli yize kungeyona inkinga yethu kuphela lena kuligi,” kubeka uLarsen.
UGordinho uthe uhlale ekubeke emqondweni ukuthi kumele ashayele iqembu lakhe amagoli.
“Lokho ngihlale ngikuzama noma sizilolonga, ngisebenza kanzima ejimini. Okunye ukuthi sibanadlali abakwaziyo ukushaya ama-free kick nokwenza ukuthi kube lula kimina,” kusho uGordinho.
“Ngiyajabula ukuthi nginqobe lo mklomelo okungowokuqala kimi. Manje sesifuna ukubuyela ensimini bese siba nesizini enhle. Kuhle ukuthi mina no-Tower (Eric Mathotho) sisazoqhubeka nokudlala ndawonye njengoba evuselele inkontileka yakhe. Lokhu kukhombisa ukuthi umqeqeshi uyasethemba,” kuphetha uGordinho.