UYAZISOLA ngokudlala kuSuperSport United naku-Orlando Pirates umgadli weBafana Bafana uKermit Erasmus oseyibamba kuLens edlala esigabeni sesibili kwiligi yaseFrance.
Izolo u-Erasmus utshele abezindaba ukuthi uwashaye ngesithende amaqembu alapha ku-Absa Premiership ebefuna ukumsayinisa njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.
U-Erasmus unenkontileka neStade Rennais FC okuyiyona embolekise kuLens. Uke wayibamba kuPremiership ngamasizini edlule. Udlale kuMatsatsantsa a Pitori nakweZimnyama. Kula maqembu ufike esuka phesheya kwezilwandle ku-S.B.V Excelsior neFeyenoord Rotterdam okungamaqembu aseHolland.
“Angikaze ngiyicabange indaba yokubuyela eNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi ngesikhathi ngibuya okokuqala phesheya kwezilwandle ngenza iphutha elikhulu kunawo wonke esengake ngawenza empilweni yami yebhola. Angiqondile ukukhuluma kabi ngeligi yaseNingizimu Afrika kodwa ngikusho lokhu ngoba ngibuka impilo yami yebhola. Ngenza iphutha elikhulu.
“Kunabantu abanginika izeluleko ezingezinhle ngalesiya sikhathi. Ukungadlali bekunzima. Unkosikazi wami nezingane bangesekile. Ukubekezela nakho kungisizile. Bengazi ukuthi ithuba lizofika. Bengazi ukuthi lizofika eqenjini lami noma ngibolekiswe kodwa phesheya. Ngeneme ngokuthi ngenze isinqumo esiphusile ngokuvuma ukubolekiswa,” kusho u-Erasmus.
IPirates abedlala kuyona kuvele ukuthi ibifuna ukumbuyisa ngoJanuwari.
“Manje ngidlala njalo. Akhona amaqembu abengifuna (eNingizimu Afrika naphesheya).
Amanye abefuna ukungisayinisa kanti amanye abehlose ukungiboleka. Ukujoyina iLens kube yisibusiso kimina,” kusho u-Erasmus.
Lo mgadli ugcine ukudlala kuBafana ngo-2014. Selokhu achizela iqembu lesizwe kumele azovala indawo kaTokelo Rantie kodwa wathi ngeke akwazi ngoba akayena umdlali wokuvala izikhala, akaphindanga wabizwa.
“Ngijabule ngokukhuza ibuya ngemuva kwesikhathi eside ngingekho eqenjini lesizwe. Ngibheke ukwenza kahle kule midlalo emibili ezayo. Ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukuwina siphinde sidlale ibhola elihehayo,” kusho u-Erasmus.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama iBafana izodlala neGuinea Bissau emdlalweni wesihle eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
KuLens u-Erasmus usefike waphenduka umdlali omqoka. Njengamanje leli qembu liqhwakele esigabeni sesibili eFrance.
“Kungisizile ukubolekiswa ngoba sengidlala njalo. Ngifake isandla ekutheni iqembu lihlale esicongweni. Lesi yisikhathi esimqoka kakhulu empilweni yami yebhola,” kusho u-Erasmus.
Lo mgadli wagxekwa kakhulu ngokugabha iBafana.
“Wonke umuntu unendlela abuka ngayo izinto. Ngiyazi ukuthi kunendlela abayihlaziya ngayo indaba yami (yokuduba iqembu lesizwe). Yingakho nami ngaveza owami umbono.
“Kimina kwakungabululekile ukuthi abantu bazowuthatha kanjani umbono wami. Bengazi ukuthi lo mbuzo uzoqhamuka. Izinto ezifana nalezi ziyenzeka futhi ziyingxenye yomdlalo webhola. “Okwenzeke phambilini sengikudlulisile. Njengamanje sengigxile kokwenzeka manje. Ngifuna ukwenza ikusasa lami liqhakaze,” kusho u-Erasmus.