KUHELEZA umoya wobumbano ekhephini yeKaizer Chiefs okubukeka ihanjelwa kahle yizinto njengoba iqhubeka nomgqigqo wayo omuhle.
Lokhu kuvezwe nguGeorge Maluleka enkulumweni abe nayo naleli phephandaba. UMaluleka ungomunye wabadlali abasefomi kulezi zinsuku njengoba edlala ibhola elincomekayo. Lokhu kufakazelwa wukuthi ahambe nemiklomelo yomdlali ovelele imidlalo emibili ilandelana. Uthole lo mklomelo emdlalweni wabo neFree state Stars nakoweMaritzburg United.
UMaluleka, oyibamba esiswini, uthe ukudlala kahle kwakhe kuwumthelela wokubumbana kweqembu.
“Ngiyavuma ngenza kahle kakhulu futhi nami ngiyazizwa nginokuzethemba. Yize ngidlala kahle akuwona umsebenzi wami kuphela kodwa ukubambisana kahle nozakwethu. Angikwazi ukuzishaya isifuba ngithi konke kuwumsebenzi wami, yingoba sonke eqenjini sinephupho elilodwa lokwenza kahle,” kusho uMaluleka.
Lo mdlali ugcizelele ukuthi njengoba iqembu liqhubeka lenza kahle yingoba banokubambisana okuhle nomqeqeshi bebonke bengabadlali.
“Kumnandi ngisho ukuya ejimini. Ngicabanga ukuthi bonke abadlali bayakulangazelela ukuza ejimini ngendlela okumnandi ngayo,” kube uMaluleka.
Uthe njengoba kubukeka bewuqale kahle umlenze wesibili we-Absa Premiership ukholwa wukuthi bazoqhubeka nokwenza kahle.
“Sifuna ukubhekana nomdlalo ngawodwa, sizimisele ngokuthi wonke umdlalo esiya kuwo siqoqe amaphuzu aphelele. Luselude ukhalo okumele siluhambe ngaphambi kokuthi kuphele isizini, yikho ngingafuni ukukhuluma ngesicoco seligi manje,” kusho uMaluleka.
Uthe indlela iqembu elidlala ngayo ubona sengathi sezibuye unomphelo izinsuku zenjabulo kuChiefs.
“Uma sibona abalandeli bethu bejabule nathi siyajabula. Lokhu kusenza siye enkundleni sinokuzithemba kanti kuyasisiza ekutheni sidlale kahle. Ngicabanga ukuthi izinsuku zenjabulo sezibuyile kuChiefs futhi ngeke zisaphela.”
UMaluleka ukhuluma kanjena nje ngezinsuku zenjabulo iChiefs abazange bayiqale kahle isizini njengoba abalandeli beChiefs bebengafuni ngisho ukuyizwa eyomqeqeshi uSteve Kompela kwazise imiphumela yayingamvuni. Ngaphandle kokungaqali kahle emidlalweni yeligi Amakhosi akhishwe emiqhudelwaneni yemikhumulajezi, iMTN 8 neTelkom Knockout. Ngemuva kwalokho badlali ngokulingana imidlalo eminingi ilandelana.