USAVULE izandla emaqenjini amfunayo ku-Absa Premiership umgadli weBurkina Faso, * -Aristide Bance, ohlukane neChippa United ngesizini edlule.
UBance udube iChilli Boys ngasekupheleni kwesizini ka-2015/2016 ekhala ngemali ayeyikweletwa ngusihlalo uSiviwe Mpengesi. Empeleni ngemuva kokuthi esayinile kuChippa ekuqaleni kwesizini edlule uBance “waduka” kwezwakala ukuthi useziqeqesha neBidvest Wits ngenxa yokuthi uMpengesi akayifakile imali etholakala emuva kokusayina neqembu.
UBance, osedlala ku-Asec Mimosas yase-Ivory Coast, ushaye igoli lokuqala ngesikhathi iBurkina Faso ihlula iTunisia ngo 2-0 emdlalweni wama-quarterfinal weCaf Africa Cup of Nations eseGabon. Elinye igoli lishaywe nguNiguimbe Nakoulma.
UBance uthe angathanda ukubuyela eNingizimu Afrika inqobo nje uma ezothola iqembu elinosihlalo othembekile.
“INingizimu Afrika yizwe elikahle elineligi nabadlali abasezingeni eliphezulu. Uma kungaba khona iqembu elingifunayo ngiyokubhekisisa impela lokho. Nokho kufanele kube yiqembu elinosihlalo olungile. Angithandi ukuba seqenjini elinomphathi ongayigcini imigomo yenkontileka,” kusho uBance.
“Ukukhuluma iqiniso nje, uma ngithola ithuba nelinye iqembu, ngizobe ngikulungele ukuyodlala eNingizimu Afrika futhi. Ngivulelekile ukuxoxa namaqembu, ngisavulelekile ukuyodlala kuligi yaseNingizimu Afrika. Ngingumdlali ohlale ezinikela uma esenkundleni.”
UBance ufulathele iNingizimu Afrika wayojoyina iRiga yaseLatvia kodwa wayishiya esadlale imidlalo eyisishiyagalombili. Ushaye igoli elilodwa. Kuhlokome inkundla iStade De Lamitie ebinenqwaba yabalandeli bangakubo ngesikhathi elungela ukungena enkundleni ngoMgqibelo. Kucacile ukuthi uBance ufana nenkosi ebholeni laseBurkina Faso. Nokho akazange aphoxe ngoba nguye ovule amasango.
“Ngihlale ngikuqonda ukuthi ngeke ngiyiqale yonke imidlalo. Futhi ngihlale ngazi ukuthi uma ngingena esiwombeni sesibili kufanele ngenze konke okusemandleni,” kusho uBance.
IBurkina Faso izodlala nowine izolo ebusuku ku-quarterfinal phakathi kwe-Egypt neMorocco.