ASEVELILE amagama abadlali ababili abazokube bekhona kumnyama kubomvu esikwatini sokuqala uStuart Baxter azosimemezela ngoLwesine njengomqeqeshi weBafana Bafana lapho kuzobe kusaqhutshekwa namalungiselelo owokuhlungela indawo kwi-Afcon neNigeria ngoJune 10 e-Uyo.
Ngemuva kokuthi uBaxter, waseScotland, efake iSuperSport United kowamanqamu weNedbank Cup, uthe useqalile ngamalungiselelo omdlalo weBafana neNigeria, wase ekuqinisekisa ukuthi ngeke awabophele amavukana esikwatini ngenxa yobumqoka bokuzibekisela indawo eCameroon ngo-2019.
Eqoqweni okukhona kulo iLibya neSeychelles uBaxter, osebuya okwesibili kwiBafana, ubhekwe ukuba abuyise udumo lweqembu lwaseminyakeni lokungeqiwa yimiqhudelwano emikhulu ngeje-Afcon neNdebe yoMhlaba.
“Ngeke vele ngilande abafana abasathuka izanya lapha ngoba kunzima. Ngizobheka kakhulu kulaba ababazi ukusuka nokuhlala ubunzima be-Afrika. Ngeke ngibazibe abafana abanjengo-Itumeleng (Khune) kumbe abadlali abafana noDean (Furman). Inhloso yami enkulu wukuhamba namasoshanoma amabutho uma sesiya eNigeria ngoba ukuthi lo mdlalo uzoba nzima ngeke sizikhohlise ngakho.”
Uthe lokhu akusho ukuthi uzoyiziba imiyalelo yeSafa ngokukhulisa abadlali abazoba seqophelweni lomhlaba ngokuzayo.
“Abafana abancane sizogxila kubona ngesikhathi esikahle. Okwamanje ngisacele iSafa ukuthi izithumele ngokushesha izincwadi emaqenjini aseNingizimu Afrika nawase-Europe ngenhloso yokuthola abadlali ngokushesha kunokujwayelekile. Ngikucele lokhu ukuthi kusheshe ngoba vele amaligi amaningi avalile ngempelasonto,” kusho uBaxter.
NgoLwesine kulindeleke ukuthi uBaxter amemezele isikwati sakhe sokuqala ebuyile kulo msebenzi. Kuzothi uma eqeda abuyele kwiSuperSport ezobe isibuyile eGabon lapho iyodlala khona neCF Mounana.
“Iqembu lami kuze kuphele isizini livumile ukuthi angiyeke abafana bahambe nephini lami ukuze ngikwazi ukwenza umsebenzi wami weBafana. Ngiyababonga ngalokhu. Kusobala ukuthi bazinikele ekwenzeni noma yini ukuze basize ibhola lakuleli,” kusho uBaxter.
Emdlalweni wokugcina weligi iSuperSport izobhekana nePlatinum Stars eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.