NJENGAMASOSHA eya empini abadlali beBafana Bafana abanavalo ngokuyongena esibayeni sezitha babhekane nazo ngqo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ongempelasonto.
Namuhla iqembu laseNingizimu Afrika lizobhekisa amabombo eNigeria ligcwele ukuzethemba phezu kokubhekana nezingqinamba emalungiselweni alo.
Umdlalo ongowokuqala kuGroup E ungoMgqibelo eGodswill Akpabio International Stadium, e-Uyo ngo-5 ntambama. Kudlalelwa ukuthi kuphume amaqembu azoya kwi-Afcon eCameroon ngo-2019.
Umlando phakathi kwala mazwe kunobhutshuzwayo ukhomba ukuthi kuhlezi kudlalelwa amagqubu njengoba kungekho ofuna ukuzibona engaphansi komunye.
Okufanele ukuthi kuzokwenza umdlalo ube ngowamagqubu kakhulu kunakuqala wukuthi ngesikhathi iBafana igcina e-Uyo ngo-2014, yashiya kukhalwa kwazise umphumela ka 2-2 phakathi kwamaqembu, wakhipha amaSuper Eagles kwi-Afcon ka-2015 eyayise-Equatorial Guinea. INingizimu Afrika yayivele ifike kulo mdlalo isizibekisele indawo kwi-Afcon.
Kulokhu womabili amaqembu azobe elwela ukuyiqala kahle indlela ebheke eCameroon.
UBongani “Ben 10” Zungu osephenduke isethenjwa eqenjini lakhe lasePortugal iVitoria S.C, uthe uma elithola ithuba uzokwenza isiqiniseko sokulwela iqembu libuye nomphumela ozojabulisa abalandeli. “Ngiyajabula ngokubuya eqenjini njengoba ngike ngalimala. Uma ngithola ithuba ngizolibamba ngazo zombili njengoba kusemqoka esizweni sonke ukuthi senze kahle."
Uthe ukudlala phambi kwezinkulungwane eqenjini lakhe sekumenze wazethemba. “Akukho okuningi okushintshile ngaphandle kokuthi sengiyashesha futhi sengikhulile ngendlela engithatha ngayo izinqumo uma ngiphethe ibhola. Ukudlala phambi kwabalandeli abaningi e-Europe nakho sekunyuse ukuzethemba kimina.”
Uthe ufisa abadlali abafana noPercy Tau balandele kuyena ngokuthola ithuba lokuyodlala phesheya.
Ukaputeni weBafana uThulani “Tyson” Hlatshwayo olamukele ithuba lokuhola iqembu, ufuna bafike bagingqe amadoda, wonke umdlali ozongena enkundleni azimisele ngokufela khona.
“Kusemqoka ukukhuluma nabadlali ngibenze baqonde ngobumqoka bokulwela izwe. Kumele sizinikele 120% enkundleni. Noma ngabe siyahlulwa kufanele kube wukuthi sikhiphe konke esinakho, yilokho engikulindele kozakwethu,” kusho uHlatshwayo.
Uthe umqeqeshi uStuart Baxter ugcizilele kakhulu ukuxina iNigeria ngejubane uma behlasela bese beqikelela ukuthi bahleze beqaphile emuva ngazo zonke izikhathi. “Siya ebantwini esibaziyo. Ngiyazi ukuthi kuzodinga sisebenze kanzima ukubuya nomphumela omuhle. Kuzodingeka amasosha futhi nami ngingomunye wawo."