AKAFUNI ukuyodlala e-United State of America (USA) umdlali weMamelodi Sundowns uKeagan Dolly ofunwa yi-Olympiakos yaseGreece neMontpellier yaseFrance.
Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yimenenja yalo mdlali, uPaul Mitchell, weSiyavuma Sports Agency.NgoMgqibelo ntambama iSundowns ikhiphe isitatimende icacisa ngodaba lukaDolly okuke kwavela ukuthi ucathanyelwa yiManchester City edlala ku-English Premier League (EPL). ISundowns ifake nencwadi eyayithunyelelwa nguBrian Marwood oyimenenja jikelele kwiCity Football Service.
Le ncwadi ifundeka kanje: “Sawubona Patrice (umengameli weSundowns), sibhala le ncwadi ngaphansi kwegama leCity Football Group ngomdlali wenu uKeagan Dolly. Sekuphele isikhathi silandela indlela adlala ngayo lo mdlali futhi sikholwa wukuthi angayibamba emaqenjini angaphansi kwesitebela sethu. Uma ningasamukela (lesi sicelo) singathanda ukuthi wena (Motsepe) naye (umdlali) nifike kwiCity Football Academy ngokushesha sizoxoxa ngalolu daba niphinde nihlangane neziphathimandla ezimqoka zesitebela sethu. Sikubheke ngamehlo abomvu ukuzwa ukuthi nithini ngesicelo sethu.”
Le ncwadi yathunyelwa ngo-Agasti ngonyaka odlule. Umengameli weSundowns usanda kugcizelela ukuthi iCity isambhekile uDolly.
UMitchell ethintwa ngalolu daba ukubeke kwacaca ukuthi uDolly akazimisele ngokuyodlala e-USA.
“ISundowns isibeka mina njengomuntu omubi. Vele ngamthinta umqondisi weManchester City washo ukuthi akamazi uKeagan Dolly. Uma bekhuluma ngale ndaba benza sengathi uDolly ufunwa yiManchester City yase-England ekubeni uma ufunda kahle incwadi uzobona ukuthi iCity ifuna ukumyisa kwamanje amaqembu ayo. IManchester City inenqwaba yamaqembu. Ineqembu e-USA , India nase-Australia. UDolly bebefuna ukumyisa kuNew York City e-USA. Sinqabile ukuthi ayodlala e-USA ekubeni kunamaqembu angcono e-Europe amfunayo. Umqondisi webhola kuManchester City nomqondisi webhola emaqenjini eManchester City abantu abangafani. Ngeke sivume ukuthi umfana ayodlala e-USA ekubeni enethuba lokudlala ku-Uefa Champions League naku-Europa League. Iligi yase-USA icishe ifane neligi yalapha eNingizimu Afrika. Laphaya kugcwele nenqwaba yabadlali esidlalela ukuyokwenza imali. UKeagan usafuna ukuzakhela igama.” kusho uMitchell.
Leli phephandaba liphinde lahabula izindaba zokuthi ziyethembisa izingxoxo phakathi kweSundowns neMontpellier yaseFrance.