CLOSE X
Advertisement

Ufuna ukuzinza kuBafana Bafana

Ezemidlalo
UZIBEKELE umgomo wokuzinza kuBafana Bafana uThabo Mnyamane osale emangele ngesikhathi ebizelwa eqenjini lesizwe ngesonto eledlule.

NgoMgqibelo ngo-3 ntambama iBafana izoshukana neGuinea Bissau emdlalweni wesihle bese kuthi ngoMashi 28 idudulane ne-Angola enkundleni esazomenyezelwa.

UMnyamane oyibambe ngakwesokunxele emuva utshele abezindaba ngemuva komdlalo wezakhe weLast 32 yeNedbank Cup abebewudlala neRoyal Eagles eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ukuthi ufuna ukuzinza eqenjini lesizwe.

Tell a friend

Ngo-2015 uMnyamane uqophe umlando eba ngumdlali wesithathu ukushaya igoli lakhe lokuqala ngomdlalo wakhe wokuqala kuBafana. Washaya igoli ngesi-khathi elakuleli lidlal neSwazi-land kowesihle.

“Ngizizwa ngikhethekile ngokuqokelwa kuBafana. Ngaso sonke isikhathi uma ngibizelwa kwelesizwe ngihlale nginomuzwa owehlukile ngoba kuyigugu ukudlalela izwe lakho.

“Kuhlale kungithusa ukubizelwa kuBafana. Kuyakhombisa-ke ukuthi uma usebenza kanzima imisebenzi yakho ngeke iphelele emoyeni. Ngizimisele ngokusebenzisa

“lonke ithuba engilitholayo. Inhloso wukudlala kahle ukuze ngizobizwa njalo. Ijezi ngifuna ukulenza elami kuBafana,” kusho uMnyamane.

UMnyamane usefomini enhle kulezi zinsuku. Ushaye igoli Amatsatsantsa A Pitori edlala ngokulingana ngo 1-1 neKaizer Chiefs, wabasela enethini elinye bebambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1 njengoba eshaye elinye elihle beguqisa iBidvest Wits ngo 2-1.

“Indaba yokushaya igoli ngomdlalo wami wokuqala yinto engingasayicabangi manje ngoba seyadlula kudala. Kumqoka ukumela iNingizimu Afrika emiqhudelwaneni yeCaf ikakhulukazi njengoba sisafuna ukudlala isikhathi eside eqenjini lesizwe. Ngizimisele ngokukhulisa ulwazi lwami lokudlala e-Afrika ukuze ngizofika kuBafana seluqinile ukhakhayi,” kusho uMnyamane.

KuBafana uzobanga ijezi noKeagan Dolly ogijima kuMontpellier HSC yaseFrance, Percy Tau noThemba Zwane naye okwazi ukudlala kuzo zombili izihlangothi nangemuva kwabagadli.

“Iqembu lenza kahle ngakho lokho kwenza ukuzethemba kwami kube phezulu. Amalungiselelo amahle okokuqala kwesizini yiwona enza ngasheshe ngajwayela kuSuperSport.

“Umqeqeshi (uStuart Baxter) ungenzele kwalula ngokungitshela ukuthi yini ayilindele kimina. Iningi la badlali abalapha kuSuperSport ngabadlali engibaziyo,” kusho uMnyamane.

Namuhla ngo-3 ntambama iSuperSport izodudulana ne-Al Ahly Shendi yaseSudan emlenzeni wesibili womzuliswnao wokuqala weCaf Confederation Cup. Ngesonto eledlule Amatsatsantsa A Pirori aguqe ngo 3-2 ekuhambeni.

“Basishayie ngo 3-2 kodwa ngeke sibavumele ukuthi basiphinde ekhaya. Inkundla ebesi-dlalelayo ibingekho esimeni siphinde sahamba amahora amane ngaphambi kokuthi sifinyelela enkundleni ebesizodlala kuyona. Ngalokho angibeki izaba kwazise umdlalo besingawuwina. Nokho ngeSonto angingabazi ukuthi sizonqoba,” kusho uMnyamane.

Tell a friend
Advertisement
X