UFUNA ukwenza iBafana Bafana isitebhisi sokuyodlala phesheya kwezilwandle umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uLorenzo Gordinho.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi ebuzwa ngabezindaba ukuthi kumqoka kangakanani ukubizwa njalo kuBafana njengoba esenephupho lokuyibamba emaqenjini aphesheya kwezilwandle.
NgoJanuwari uGordinho uke wajima neFulham edlala kuFootball League Championship e-England naku-Aalborg yaseDenmark. Kuwona womabili la maqembu kugcine kungalunganga.
“Kumqoka ukubizelwa eqenjini lesizwe (njengoba ngisenephupho lokudlala phesheya). Kubalulekile kuwona wonke umdlali. Kimina kungasho lukhulu ukubizwa njalo ngiphinde ngenze kahle. Konke lokho kuzodinga ukuthi ngisebenze ngokuzinikela ngiphinde ngishaye into ecokeme uma ngithola ithuba.
Uma ngenze kanjalo angingabazi ukuthi ngizoyithola indawo yami,” kusho uGordinho.
Lesi sitobha saMakhosi, esibalwa nabadlali asebeshaye amagoli amaningi kuleli qembu emidlalweni ye-Absa Premiership, siyaqala ukubizelwa kuBafana.
Ngo-2015 uGordinho uke wabizelwa eqenjini lesizwe lika-Under 23 ngesikhathi lidlala imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-All Africa Games. Nangonyaka odlule uphinde wabizelwa kuleli qembu ngesikhathi libhekene neBrazil emdlalweni wesihle.
Ngaleso sikhathi iqembu lesizwe lika-Under 23 beliyodlala kuma-Olympic Games eRio de Janiero, eBrazil.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yeqembu lesizwe. Ngifuna ukubonga umqeqeshi ngethuba anginike lona. Ngeneme ngokubizwa futhi ngibheke ukusebenza ngokuphindiwe.
Ngibheke ukuqhubeka nomgqigqo wami omuhle ngokwenza kahle lapha kuBafana. Leli thuba ngifuna ukulisebenzisa futhi ngizosebenza kanzima. Okunye-ke kuzozenzekela,” kusho uGordinho.
NgoMgqibelo iBafana izodudulana neGuinea Bissau emdlalweni wesihle eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-3 ntambama. Ngemuva kwalokho izolibangisa e-East London ukuyoshukana ne-Angola ngoLwesibili komunye umdlalo wesihle.
IBafana itheleke eThekwini ngoMsombuluko ngo-10 ekuseni. Izilolonge ngo-4 ntambama. Bonke abadlali bafikile. UKeagan Dolly nguyena ofike kamuva kwazise utheleke izolo.