CLOSE X
Advertisement

Ukhulekela ukubuya ngeChiefs

Ezemidlalo

UKULULAMA kukaKhama Billiat kulindeleke kujabhise abalandeli beKaizer Chiefs abamincele ukuthi babhekane neMamelodi Sundowns ngo-Ephreli 1 emdlalweni we-Absa Premiership engakaphili saka lo mgadli oyingozi.

ISundowns, ebuye ihambela phezulu eKampala kokunqoba ingelinye lamaqembu abhekiwe ukuthi izokwazi yini ukuvikela isicoco se-Absa Premiership kwazise umbango udlala lubi kule sizini.

Tell a friend
UKHAMA BILLIAT

Umdlalo wala maqembu okulindeleke ushise uzodlalelwa eFNB Stadium, eSoweto ngo-8.15 ebusuku.

UBilliat ongayanga emlenzeni wesibili womzuliswan wamaqembu angu-32 weChampions League iDowns ebidlala kuwo neKampala City Council e-Uganda, uveze ukuthi wenza konke okusemandleni ukuze ezobuya ngomdlalo wabo neChiefs engelinye lamaqembu asefomini.

“Yebo inhloso yethu nodokotela ukuthi ngibuye ngomdlalo wethu neChiefs. Ngisebenza ngokuzikhandla nodokotela ngisho nabamathambo ukuze kwenzeke lokho (ukubuyela enkundleni ngomdlalo weChiefs),” kusho uBilliat, oseqiwe yimidlalo embalwa yezakhe.

Kule midlalo kade engekho uBilliat enkundleni iSundowns ilahle amaphuzu idlala ngokulingana.

Ngesizini edlule iSundowns ibigaya kwasani uBilliat esefomini esabisayo engabhenywa. Kulo nyaka kodwa ubengakabuyeli kuleliya zinga. Kungenzeka futhi nokuthi ne-Africa Cup of Nations imphoxile kwazise babuye kuseva kanti uphinde washweba nomklomelo womdlali ovelele e-Afrika kanti nakwiFifa Club World Cup baphuzwe iboza amaJapan.

Ngaphezu kwalokho bashiywe nawuKeagan Dolly obesakhe ubuhlobo obuyingozi noBilliat ovumayo ukuthi kuya ngokuya kuba nzima eqenjini lakhe.

“Yebo sithwele kanzima eqenjini lethu kuya ngokuya kuba nzima kodwa sisengakwazi ukuzuza esikufunayo,” kusho uBilliat.

Isimithathu imidlalo yeligi ilandelana iSundowns inganqobi. Ibhulwe yiCape Town City, yadlala ngokulingana neChippa United nePolokwane City.

UBilliat uthe bazoyihlelela kahle iLamontville Golden Arrows abadlala nayo kuNedbank Cup.

“Kufanele sibabheke ngoba bangaba ingozi kithi. Kufanele sibashaye uma sifuna ukuya phambili nalo mqhudelwano. Ngiyathemba sizokwazi ukwenza lokho. Kunzima ukuthi ubukele iqembu lakho lingenzi kahle ube uhlezi ngaphandle ulimele,” kusho uBilliat.

Tell a friend
Advertisement
X