UKUDLONDLOBALA kweMamelodi Sundowns ebholeni laseNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika sekuphonsele abaphathi baleli qembu ngokuthi babhukule kakhulu ukuze bagcine isibalo sabalandeli siqhubeka nokukhula.
Okuqaphelekayo muva nje, yindlela abalandeli abatheleka ngobuningi babo emidlalweni yayo, selokhu ibengompetha beCAF Champions League neSuper Cup ayichazeki.
Izinkundla iSundowns edlalela kuzona imidlalo yayo yasekhaya yiLucas Moripe Stadium, eTshwane egcwala ngabantu abawu-28 000 neLoftus Versfeld yona emumatha abantu abawu-51 000, isibalo asisashayisi ngamahloni.
Ephawula ngokukhula kwesibalo sabalandeli obhekene nezokuxhumana kwiSundowns uThulani Thuswa nongakufihli ukuthi wafunda lukhulu kuKaizer Chiefs, uthe uma imoto inomzimba omkhulu kufanele nenjini kufanele ibenkulu ukuze ikwazi ukumelana nesimo somzimba wayo.
“Nathi sesibonile ukuthi ukuqhubeka kweqembu nokudlala kahle kusiphonsela inselelo enkulu yokuthi sisebenze kakhulu kunakuqala.
“Kubalulekile ukuthi iqembu lidlale ibhola elikhangayo futhi lithole imiphumela emihle ukuze nabalandeli bakhule.
“Ukuze siqhubeke nokuthola abanye abalandeli futhi sigcine laba asebekhona njangamanje kufanele iqembu liqhubeke nokudlala kahle.
“Okusihlaba umxhwele kakhulu ukubona nabafundi bezikhungo zemfundo ephakeme sebeqala ukubonakala begqoke imibala yeqembu emidlalweni yethu.
“Iqembu selijube ithimba labantu abajikeleza kodeda ngendlale bezitolo ukuqinisekisa ukuthi bashumayela ivangeli lokuvatha ingubo ephuzi nokwesekela iqembu,” kusho uThushwa.
“Kubalulekile ukuthi ngesikhathi igama leqembu likhula lihlale lisemehlweni abalandeli ngokuthi lihlale lisemithonjeni yabezindaba ngaso sonke isikhathi,” kusho uThuswa ezakhe ezihlule iKampala City ngo 2-1 emlenzeni wokuqala weCaf Champions League, obuseLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu.
Ebuzwa ukuthi ngabe isibalo sabalandeli ababukela imidlalo yabo esekunyuke kangakanani uthe sikhule ngendlela emangalisayo.
“Phambilini abalandeli beSundowns bebengafinyeleli enanini labantu abawu-15 000 emidlalweni yasekhaya.
“Manje uma bewu-7 000 sithi bebebancane.
“Bekuyinto engenzeki kwiSundowns esikhathini esidlule,” kusho uThuswa.
Okuqaphelekayo muva nje yindlela abalandeli abasuke begqoke umfaniswano weSundowns abatheleka ngayo ngisho noma ngabe ayidlaleli eTshwane.
Ukubuya kodumo lweSundowns lukhumbuza abantu abaningi ngesikhathi sikaZola Mahobe, owaguqula leliqembu lathandwa abantu abaningi iningi labo ababethathwa ngokuthi abantu abazaziyo izinto.
Ngaleso sikhathi AmaBrazilians ayedume ngendlela yokudlala eyaqhamuka nomqeqeshi wayo uScreamer Tshabalala eyayaziwa ngeShoe-shine and Piano, ayihlanganisa ngesikhathi bevakashele eBrazil.
Isolezwe ngeSonto lingakuveza ukuthi ukuze Amakhosi ebonwe njengeqembu elilandelwa kakhulu alenzenga ngomlingo.
Ngesikhathi libunjwa lalijikeleza lonke leli lengabade lidlala imidlalo yesihle ngenhloso yokuthola abadlali abanohlonze.
Ngenxa yemiphumela elabe liyithola lathi liqambe lingena esigabeni esikhokhelwayo iNational Professional Soccer League ngo 1970 labe selinabalandeli abaningi.