UNOVALO lokugileka esangesizini edlule umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, ngomdlali wasemuva amboleke ku-Orlando Pirates uNkosinathi Mthiyane ofike wangena khaxa endleleni okudlalwa ngayo kuBafana Bes’thende.
Leli qembu laKwaZulu Natal like labhekana nenkinga emuva ngakwesokunxele ngesikhathi kulimala uLehlohonolo Nonyane okuphoqe uLarsen ukuba ayofongqa isigqoko kuPirates wathola uMthiyane. UNonyane usazohlala engadlali kwazise usaziqeqesha yedwa njengoba esalulama ngemuva kokuhlinzwa.
ULarsen akakufihli ukuthi umuzwa ngaphakathi uMthiyane kodwa inkinga ukuthi akayena owe-Arrows kepha ikusasa lakhe lisezandleni zePirates okumele abuyele kuyona uma kuphela isizini.
“Ufike kithina sinenkinga enkulu wangena khaxa esitayeleni sethu. Usemqoka nakakhulu manje ngoba indlela esifuna ukudlala ngayo uyazi ukusuka nokuhlala. Vele ungumdlali ebengimazi kodwa bengingabhekile ukuthi angangena khaxa kanje nangokushesha ngale ndlela,” kusho uLarsen.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Arrows ilahlekelwe enye insika enguGladwin Shitolo ekuqaleni kwesizini ngoba ubebolekwe kuyona belu iPirates. ULarsen ayimphathi kahle le ndaba yokushiywa abadlali abamqoka ngoba besuke bebolekiwe. UShitolo ubeyinsika ye-Arrows futhi umbona ukuthi nokuzethemba kuyakhula kodwa kusukela kushiye uMuhsin Ertugral kuPirates akakaze aphinde abonakale.
“Injabulo yethu ngokwenza kahle kukaMthiyane isheshe ishabalale uma sikhumbula ukuthi akayena owethu kepha usemabhukwini ePirates. Kunzima ukuphawula ngezinto ezifana nokuthi ngizomgcina yini uma kuphela isizini ngoba ungumdlali wePirates. Yibona abazocacisa ukuthi bafuna ukwenzani ngaye kodwa umdlali muhle futhi ungene khaxa esikhaleni ebesivuleke kulimala uNonyane,” kusho uLarsen.
ULarsen osahleli ku-Top 8 njengoba isizini isingena emjahweni, umatasa namalungiselelo omdlalo athe umqoka neHighlands Park ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Ngiyazi ukuthi umphumela abawuthole emdlalweni wokugcina weligi uzobakhuthaza ukuthi beze ngamandla kithina kodwa kusemqoka ukuthi bakhumbule ukuthi sisekhaya futhi sidlalela enkundleni abadlali abayizwa ngaphakathi.”
IHighlands ibukeka izama ukubalekela izembe njengoba seyisendaweni yesine ukusuka emsileni. Ngaphansi kwayo kukhona iBloemfontein Celtic, Free State Stars bese kuvale iBaroka FC ekugcine.
Elinye iqembu elibukeka lilokhu lehlela ezembeni ngemuva kokuqala kahle yiMaritzburg United. ITeam of Choice ikunombolo 10 kanti kungenzeka noma yini kuyona njengoba isanda kushiywa obengumqeqeshi uRoger de Sa.
IMaritzburg izokwamukela i-Ajax Cape Town emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.