UBHEKE iFree State Stars ehlukile kunalena ebeyidlala ngomzuliswano wokuqala wesizini umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve "Mphathi" Komphela.
La maqembu azodudulana kowe-Absa Premiership eFNB Stadium, eSoweto, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
IChiefs yazidlulela kalula ngo 2-0 emlenzeni wokuqala weligi owawudlalelwa eFree State. Kodwa uKomphela uthe manje kuzoba nzima ukushaya leli qembu ngoba linabadlali abasha.
IChiefs ivale unyaka odlule ihambela phezulu iwina imidlalo ilandelana. Kulindeleke ukuthi iqhubeke nesigqi sayo uma isibhekene neStars namuhla.
“Ukuvulwa kwewindi kuyisizile iFree State ngoba isayinise abadlali abahle. Bawenzile umsebenzi njengoba besivalile. Akufanele silindele iqembu abantu abebezenzela kulona esigabeni sokuqala seligi. Kufanele silindele iqembu elehlukile,” kusho uKomphela.
Lo mqeqeshi uthe abadlali abasebancane beChiefs abaphuma enkulisa bayamlinga, yingakho abanye babo bezilolonga neqembu elikhulu.
“Yebo sinabo abadlali abahle abasebancane okubalwa kubona uWiseman Meyiwa, odlale eNdebeni yoMhlaba ka-Under 17, Siyabonga Ngezana noNkosingiphile Ngcobo. Omunye ubengibuza ukuthi kungani ngingamdlalisi lo mdlali. Kufanele sibadlalise khona nabaqeqeshi benkulisa bazobona ukuthi bayasebenza. Okunye inkulisa yethu inkulu futhi yinhle kufanele siyisebenzise,” kusho uKomphela.
Lo mqeqeshi uthe akukakapheli ngo-Edward Manqele noSiphelele Mthembu kuleli qembu.
“Basenezinkontileka neqembu. Bazoza bazozilolonga njengabo bonke abadlali, uma bekhombisa izimpawu zokuvuthwa nabo bazonikezwa ithuba,” kusho uKomphela.
Amehlo azobe ethe njo kumdlali osanda kufika kuleli uGustavo Paez odabuka eVenezuela, eSouth America, namuhla. UKomphela uthe uyamethemba lo mdlali ukuthi uzowashaya amagoli wathi kufanele abalandeli bamnikeze isikhathi futhi bambekezelele. Abalandeli beChiefs baziwa njengabantu abathanda abadlali abakhiqiza izithelo njengamanje.
Lo mdlali angase abonakale kulo mdlalo wanamuhla nokuyilapho kuzocaca khona ukuthi uwaphatheleni Amakhosi.