INGWAZI ye-Orlando Pirates u-Edward “Magents” Motale ayinalo uvalo lokubhekana neSuperSport United ecijwa nguStuart Baxter oseyiphuze inyongo izikhathi eziningi iBucs emidlalweni emqoka.
UMagents nengwazi yeSuperSport uThabo Septhember bebevakashele Isolezwe nendebe yakwaNedbank izolo ekuseni. Kusasa ngo-8.15 ebusuku, iPirates izoshukana neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini kowamanqamu weNedbank Cup.
UBaxter useyigile kakhulu iPirates kusukela afika eNingizimu Afrika. Ngo-2014 uBaxter wathela othulini iPirates ngo 1-0 kowamanqamu weMTN 8 eMabhida. Kuthe kusenjalo ngonyaka odlule waqumba phansi iBucs ngo 3-2 kowamanqamu weNedbank Cup.
Akagcinanga lapho njengoba ephinde wayigila iPirates eyilobola ngo 6-1 emdlalweni we-Absa Premiership. Ngesikhathi abantu besababaza u 6-1, uBaxter ukuphindile lokho ekhipha iPirates kowandulela owamanqamu eTelkom Knockout.
UBaxter usashaywe kanye kuphela kowamanqamu eNingizimu Afrika. Ngesizini yakhe yokuqala kwiPremiership waguqisa iSuperSport ngo 1-0 kowamanqamu weNedbank eMabhida, kwathi ngo-2014 washaya iPirates kowamanqamu weMTN 8 njengoba ngonyaka odlule ehlule eZimnyama kwiNedbank.
NgoDisemba ubeqala ukushaywa ethela othulini yiCape Town City ngo 2-1 kowamanqamu weTKO.
UMagents ukusho kwagcwala umlomo ukuthi nakanjani le ndebe izothathwa yiPirates.
“UBaxter uyingozi. Indoda enamaqhinga amaningi. Uyakwazi ukudlala amakhadi akhe emidlalweni emikhulu. Kodwa kulokhu ngeke azenzele kithina. Ufike ngesikhathi esibi. IPirates igqugquzeleke kakhulu. Iya kulo mdlalo abantu abaningi abayinikile ithuba ngoba isihlale isikhathi eside ingadlali,” kusho uMotale.
IPirates sekuphele iminyaka emithathu ingawini lutho.
“Angingabazi ukuthi le ndebe eyePirates. Leli yithuba labo lokugcina. Lo mdlalo oka wafawafa.
"Bayazi ukuthi alikho elinye ithuba abazolithola uma beyeke leli. Kule sizini abazange bawine lutho futhi abangenanga kwiTop 8 ngakho isizini yabo ilele kule ndebe,” kusho uMotale.
ISuperSport isinqobe amahlandla amabili kulo mqhudelwano kusukela yaqala ukuxhaswa ngabakwaNedbank eminyakeni engu-10 edlule.
USepthember obekhona iSuperSport inqoba iNedbank ngo-2012 nango-2016 ukubeke kwacaca ukuthi umlando ungaziphinda.
“Esikwenze ePolokwane ngonyaka odlule singakuphinda kodwa ngeke siyithathe kancane iPirates ngokubheka umlando. IPirates yiqembu elikhulu futhi elinomlando. Siyazi ukuthi abadlali babo ngeke bavume ukushaywa yiSuperSport kabili kulandelana kowamanqamu.
"Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa ekugcineni sizowina. Ukungadlali kwabo isikhathi eside kungenzeka kubanike umfutho kanti ngasekupheleni komdlalo kungenzeka baphinde bakhathale,” kusho uSepthember.