CLOSE X
Advertisement

UMekoa akazozidayisa kwiSundowns

Ezemidlalo
AKAZIBONI enengcindezi yokwenza kahle uma esebhekene neMamelodi Sundowns emfuna uthuli uDeolin Mekoa ogijima kuMaritzburg United.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku Abafana Ba Style bazoshukana neTeam of Choice eLucas Moripe Stadium, ePitoli. ISundowns ilwela isicoco seligi kanti ngakolunye uhlangothi iTeam of Choice izabalazela ukungena kuTop 8.

ISundowns ihlezi endaweni yesibili ku-log ngamaphuzu angu-55 emidlalweni engu-28. Ihlukaniswe ngamaphuzu amabili neBidvest Wits enamaphuzu angu-57 ngemuva kwemidlalo efanayo.

Share this story
UDEOLIN Mekoa weMaritzburg United uzobhekana neqembu okuthiwa liyamfuna iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership obalulekile eLucas Moripe Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX

ITeam of Choice iyibambe endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-30.

UMekoa ufunwa uthuli yiSundowns. Leli qembu lifuna azovala isikhala esivuleke ngokuhamba kukaKeagan Dolly osegijima kuMontpellier FC yaseFrance. “Wonke umuntu usebenza kanzima. Singabadlali sisebenzela into eyodwa okuwukufaka iqembu kuTop 8. Iphuzu nephuzu limqoka. Konke kuncike kithina ngoba uma singathola amaphuzu amane emidlalweni emibili ezayo sizokwazi ukungena kuTop 8,” kusho uMekoa.

Leli nxele likhula ngesivinini. Ngonyaka odlule beliseqenjini lesizwe lika-Under 23 ebelidlala kuma-Olympic Games eRio de Janeiro, eBrazil. Liphinde labizwa kuBafana Bafana. “Ingcindezi ikwiSundowns hhayi kithina. ISundowns ingompetha beligi futhi iyona edlalela ekhaya. Sizoya kubona ngenhloso yokuyoqoqa amaphuzu amathathu. Ngeke sizithambise. Siyakholwa wukuthi iSundowns iyashayeka,” kusho uMekoa.

Ekuqaleni kwesizini iSundowns yabambana ngo 0-0 neMaritzburg United emdlalweni we-Absa Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

“Anginalo ulwazi ngokufunwa yiSundowns. Uma ikhona into enjalo ngeke ingiphazamise. Inhliziyo yami isekwiMaritzburg United okwamanje futhi ngizongena enkundleni ukuyosiza iqembu ekutheni lithole umphumela ozolibeka indaweni enhle kuTop 8 hhayi ukuyozidayisa kuSundowns. Ngisenenkontileka neMaritzburg United. Ngakho kumqoka ukuthi ngiyihloniphe,” kusho uMekoa.

ISundowns izoya emdlalweni wanamuhla inabadlali abathathu abamqoka abalengela engozini yokuphuthwa wumdlalo olandelayo. Bazobhekana neHighlands Park eMakhulong Stadium, emdlalweni wokugcina ngoMeyi 27. UPercy Tau, Sibusiso Vilakazi noKhama Billiat banamakhadi aphuzi amathathu emunye okusho ukuthi ozothola elesine namuhla ngeke adlale kowokugcina.

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Orlando Pirates v Ajax Cape (Town Orlando Stadium); Mamelodi Sundowns v Maritzburg Utd (Lucas Moripe Stadium); Platinum Stars v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng Stadium); Bloem Celtic v Free State Stars (Dr. Molemela Stadium); Bidvest Wits v Polokwane City (Bidvest Stadium); Cape Town City v Golden Arrows (Athlone Stadium); Baroka FC v Highlands Park (New Peter Mokaba Stadium); Chippa United v SuperSport United (Nelson Mandela Bay Stadium)

Share this story
Advertisement
X