EZINYE zezikhulu zeMamelodi Sundowns seziyalele umengameli weqembu, uPatrice Motsepe, ukuba aqale uphenyo oluphuthumayo ngaphakathi eqenjini ngoba zicasulwa wukuhuduleleka phansi kwegama leqembu ngenxa yomdonsiswano othinta uKeagan Dolly nokuya kwakhe phesheya kwezilwandle.
Ngokuthola kweSolezwe, ngenxa yalokhu uMotsepe uzoqala uphenyo ukuthola umongo wale nkiyankiya kaDolly.
Izikhulu zeSundowns, okukhona kuzona uSizwe Nzimande (General Manager), Yogesh Singh (Legal & Commercial Manager), Alex Shakoane (Supporter Mobilisation Manager), Daniel Mudau (Supporter Co-ordination Manager), Hendi Benade (Finance Manager), Belinda Ndlovu (Administration Manager), Charles Ferreira (Facilities & Projects Manager), Lindokuhle Maluleke (Marketing & Special Projects Manager) no-Eben Benade (Head of Security), kulindeleke ukuthi zihlanganyele emhlanganweni ophuthumayo okuzoqala kuwo uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi iqembu lizithole likulesi simo elikusona manje ngoDolly.
Ngesikhathi luqala ukushuba udaba uMotsepe uze waphoqeleka ukuba abize isithangami nabezindaba lapho afika khona wavuma ukuthi iSundowns yenze iphutha elilodwa ngesikhahti uDolly esebhaliswa ngokugcwele ukuthi usengumdlali weSundowns. Lokhu kwenzeke ngo-2015 eseqedile isikhathi okwakuvunyelwene ngaso ukuthi uzosihlala ku-Ajax Cape Town ebimboleke kuSundowns.
Yize uMotsepe ebexolisela iphutha elilodwa iDespute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League (PSL) ebese ilivumile, kuvele ukuthi ziyisishiyagalolunye sezizonke izinto eziguquliwe enkontilekeni kaDolly.
Kulezi zinguquko kukhona isamba (esizokhishwa yiqembu elifuna uDolly), imibhalo emqoka nokunye okuningi kodwa okunezinkomba zokuthi bekuzovuna iSundowns. Abazazi kangcono ezeSundowns bathi uMotsepe nezikhulu ezithi akuphenywe bacasukile sebethola ukuthi ziningi kanje izinto ezishintshiwe enkontilekeni kaDolly, okuyikhona okwenza kungangabazeki ukuthi ngemuva kwalolu phenyo kukhona amabhantshi azogcwala umoya.
“Sihlukane kahle noMike (Ntombela) kodwa baningi abasazomlandela ngoba sithe uma sibhekisisa okuningi kwasicacela ukuthi kunabantu abaningi abakhona kuSundowns kodwa esingabazi ukuthi benzani,” lawa ngamazwi kaMotsepe awasho eqinisekisa ukuxoshwa kukaNtombela.
Nokho akakaze akhombise ukuthi kukhona abazomlandela uNtombela ngenxa yobudedengu obenzeke odabeni lukaDolly. Kungashintsha nokho lokhu ngoba sekungenelele nezinye izikhulu ezihlonishwayo kuSundowns.
Njengamanje udaba lusezandleni zebhodi yeSafa okudluliselwa kuyona amacala futhi kungenzeka ludlulele kuFifa uma kuya ngezifiso zababheke izindaba zikaDolly neSouth African Football Players' Union (Safpu) abavumelana ngokuthi ngeke bakuthole ukuphumula lingavelile iqiniso ngalolu daba.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kuSundowns uvumile ukuthi lukhona uphenyo lwangaphakathi olwenziwe ngodaba lukaDolly. “Abantu bayibeke ngenye indlela indaba yophenyo. Akekho umuntu ozoxoshwa. Yebo uphenyo lwenziwe. Inhloso yalo bekuwukuthola ukuthi yini eyaholela ekutheni kwenzeke iphutha ukuze ligwemeke ngokuzayo hhayi ukuthi kukhona abazoxoshwa. Nangempela sigcine sitholile ukuthi yini eyadala ukuthi kwenzeke iphutha. Indaba kaDolly yenziwa ngosuku lokugcina lokubhaliswa kwabadlali kuPSL okuyilanga eliphithizelayo.”
Ebuzwa ukuthi sezikuphi izingxoxo ngoDolly ofunwa yiMontpellier yaseFrance uthe: “Aseneme ngemibandela ebekwa yiqembu ngakho sisalinde ukuthi baphinde babuye nokungcono.”