ISILOMO somdlali weqembu lesizwe lakuleli lika-Under 20, uLuther Singh, sigabhe iqembu laseSpain, iReal Madrid, kade imfuna ukumsayinisa ngenxa yokuthi ubebalekela ukuyohlala ebhentshini.
USingh (19) usanda kusayina kuSC Braga yasePortugal. Kuleli qembu udlala esikwatini esincane salo. Ngaphambi kokuthi asayine kulona ubegaqelwe yinqwaba yamaqembu okubalwa kuwona neMadrid engompetha be-Uefa Champions League neFifa Club World Cup.
IMadrid nayo ibifuna azodlala eqenjini layo lika-reserve. Lo mdlali udalule isizathu esenze wagabha iMadrid.
“Ngesikhathi kunamaqembu abengifuna ngahlala phansi noFarouk Khan (obemqeqesha kuStars of Africa), ubaba nemenenja yami ukuze sithathe isinqumo esifanele. Into ebesiyibhekile eqenjini engizolikhetha wukuthi ngidlale ukuze ngikhule njengomdlali. IBraga ngiyiqoke ngoba ngibona ukuthi nginethuba elingcono lokudlala okuyinto ezongenza ngikhule. IReal Madrid ibikhona ohlwini lwamaqembu abengifuna futhi yayithinta imenenja yami,” kusho uSingh.
USingh ushaye into ecokeme kuCaf Under-20 Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseZambia. Kulo mqhudelwano ushaye amagoli amane okwenze wabalwa nabadlali abashaye amagoli amaningi.
Uphinde wafakwa esikimini sabadlali abangu-11 abashaye into ecokeme kulo mqhudelwano.
Iqembu lesizwe lakuleli lika-Under 20 liboshelwe eqoqweni elinzima kweyoMhlaba eseSouth Korea ngoMeyi. Amajita aboshelwe ne-Italy, Japan ne-Uruguay. Azovula neJapan ngoMeyi 21 bese kuthi ngoMeyi 24 abhekane ne-Italy, avale ne-Uruguay ngoMeyi 27.
“Siboshelwe eqoqweni elinzima. Wonke amaqembu esiqhathwe nawo aseqophelweni eliphezulu. Noma kunjalo iqembu lethu ngiyalethemba. Nathi sineqembu eliqinile. Ithimba lethu labaqeqeshi nginesiqiniseko ukuthi lizokwenza konke okusemandleni alo ukuthi kushaye isikhathi somqhudelwano sesiwulungele. Wonke umuntu ulangazelele ukudlala eNdebeni yoMhlaba. Kumele sidlale njengeqembu siphinde sisebenzise amathuba esiwatholayo. Sifuna ukulimela kahle iqembu lesizwe,” kusho uSingh.
Lo mdlali ubekhona eqenjini lesizwe iBafana Bafana elidlale imidlalo emibili yobungani neGuinea-Bassau ne-Angola ngeledlule.
“Ngeneme ngokuba yingxenye yeBafana Bafana. Anginayo ingcindezi. Uma ngithola ithuba lokudlala ngizokwenza engikwaziyo ngethemba lokuthi konke kuzohamba kahle. Iqembu lesizwe libophele inqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu. Abanye bangompetha base-Afrika kanti abanye bayibambe phesheya. Lapha kunabadlali abanesipiliyoni. Indlela uPercy Tau adlale ngayo ingifake ugqozi,” kusho uSingh.