CLOSE X
Advertisement

USait ubhekwe afake ezakhe ku-Absa Primiership

Ezemidlalo
UBALISA ngengcindezi yokuqhathaniswa nengwazi enguyise umdlali osemncane weStellenbosch, uJunaid Sait, ohlalelwe wumsebenzi wokuhola leli qembu alifake ku-Absa Premiership.

USait (23) ongukaputeni waleli qembu likaMario Ferreira eligijima kuNational First Division (NFD), uyindodana kaKamaal Sait owayeyisiqongqwane se-Orlando Pirates eminyakeni edlule. UKamaal udlale nakuMaZulu, Santos, nakuCape Town Spurs. Kule sizini uKamaal ubeyiphini lomqeqeshi kuSantos egawulwe yizembe kuNFD nayijoyine esuka kuMilano.

UJunaid, naye oyibamba emuva, unengcindezi yokuhamba ezinyathelweni zikayise. Eminyakeni edlule abadlali abazalwa yizingwazi bahluleke bancama ukufinyelela ezingeni loyise. Kulaba kukhona amadodana kaJomo Sono uBamuza noMatsilele abadlalela iqembu likayise iJomo Cosmos kuNFD. Phezu kokuba uJomo ebizwa ngenkosi yebhola kodwa abafana bakhe abazange basondele nakancane ezingeni lakhe. UBamuza useyimenenja yeCosmos.

Tell a friend
UJUNAID Sait weStellebosch FC uhlalelwe wumthwalo onzima wokusiza iqembu lakhe linyukele ku-Absa Premiership njengoba bezodlala kweyokuhlunga Isithombe: BACKPAGEPIX

UKaizer Motaung Junior ugcine ethathe umhlalaphansi ebholeni kuseva engakaze abatshazwe ebholeni njengoyise uKaizer Motaung ongumnikazi weKaizer Chiefs owadlala waze wafika phesheya kwezilwandle.

“Kunzima ukulandela ezinyathelweni zakhe. Abantu bathi ubaba wayengumdlali oseqophelweni eliphezulu. Sengikujwayele ukuthi abantu balindele lukhulu nakimi futhi ngiyazama ukubhekana nalokho,” kusho uSait.

IStellenboch, izibekisele indawo kuma-Play Off emuva kokuqeda endaweni yesithathu ku-log yeNFD. Ihlule iSantos ngo 1-0 wephenathi kaMame Niang emdlalweni wokugcina wesizini ngempelasonto. Leli qembu lithole le ndawo ebibangwa amaqembu amaningi okukhona kuwona AmaZulu, Witbank Spurs neRoyal Eagles. Endaweni yesibili kuqede iBlack Leopards engelinye lamaqembu azodlala kuma-Play Off. Iqembu lesithathu elizodlala kuma-Play Off elizoqeda endaweni ka-15 uma sekuphele imidalo ye-Absa Premiership ngoMeyi 27. IStellenbosch iyona ezoqala neqembu elisuka kuPremiership ngoMeyi 31 ekhaya. Izolandelisa ngeBlack Leopards ekuhambeni ngoMeyi 3 ekuhambeni nokuzoba wumdlalo wayo wesibili kwemine ezocacisa ngamathuba ayo okudlala kuPremiership ngesizini ezayo.

Iqembu ngalinye lizodlala ekhaya nasekuhambeni.

“Ngiyafisa ukudlala kuPremiership kodwa engikubeke phambili ukuphindela e-Europe. Ngidlalile eSweden iminyaka emibili nasePortugal izinyanga ezimbalwa,” kuphetha uSait.

Amaqembu azodudulana kuma-Play Off aqhathwe kanje:

Meyi 31: Stellenbosch v Iqembu lePremiership

Juni 3: Black Leopards v Stellenbosch

Juni 7: Iqembu lePremiership v Black Leopards

Juni 10: Iqembu lePremiership v Stellenbosch

Juni 14: Stellenbosch v Black Leopards

Juni 17: Black Leopards v Iqembu lePremiership

Tell a friend
Advertisement
X