UMEMEZELE isikwati esiqinile umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 20 uThabo Senong izolo emini.
Amajita azobamba iqhaza kuCaf African Youth Championship ngenyanga ezayo. Elakuleli liboshelwe eqoqweni elilodwa neCameroon, Senegal neSudan. Le midlalo ezodlalelwa eZambia eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-Under 20 eseJapan ngoMeyi.
Amaqembu azozibekisela indawo kuma-semi final azozitholela ithikithi elibheke eJapan. Amajita azovula neCameroon ngoFebhuwari 27 eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia, bese kuthi umdlalo wesibili ubesenkundleni efanayo neSenegal ngoMashi 2.
Owokugcina wokuvala eyamaqoqo ungoMashi 5 eHeroes Stadium, eLusaka, eZambia. USenong ufake uPhakamani Mahlambi ogijima kuBidvest Wits.
Lo mdlali ohlale izinyanga engadlali ngenxa yokulimala nguyena owayegqamile ngesikhathi iqembu lesizwe lika-Under 23 lizibekisela indawo kuma-Olympic Games abeseRio de Janeiro, eBrazil ngonyaka odlule.
UMahlambi (19) kubhekwe ukuthi aphinde asize iBafana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eRussia ngo-2018 nakweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2019. Ubuye ekulimaleni kwezwakala kulandela ukuhlala isikhathi eside engadlali. Abanye abadlali okubhekwe ukuthi bagqame kulesi sikwati nguKhanyisa Mayo weSuperSport United, uLiam Jordan ogijima kuSporting Libson yasePortugal, Luther Singh ongenalo iqembu, Luyanda Ntshangase oyibamba kuMatizburg United, Kobamelo Kodisang wePlatinum Stars, Thabo Cele weReal Sporting Clubbe, Tercius Malepe we-Orlando Pirates noSiyabonga Ngezana odlala kuKaizer Chiefs.
Abadlali bazofika ekhempini ngoLwesine oluzayo. Bazokhempa amasonto amabili ngaphambi kokuthi balibhekise eZambia. Elakuleli sekuphele iminyaka lagcina ukudlala eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20. Lagcina ukudlala kulo mqhudelwano ngo-2009 e-Egypt.
Selilonke iqembu lesizwe laMajita limi kanje:
Onozinti:
Sanele Tshabalala, Darren Johnson noMondli Mpoto.
Izitobha:
Aghmat Ceres, Sirgio Kammies, Reeve Frosler, Notha Ngcobo, Malebogo Modise, Katleho Mohammed, Givemore Khupe, Shane Saralina, Siyabonga Ngezana no-Tercius Malepe.
Esiswini:
Thabo Cele, Wiseman Meyiwa, Sipho Mbule, Thabani Zuke, Teboho Mokoena, Katlego Ntshabeleng, Sydney Mtshweni, Duncan Apollis, Nkosingiphile Ngcobo, Sibongakonke Mbatha
noKobamelo Kodisang.
Abagadli:
Luther Singh, Liam Jordan, Luyanda Ntshangase, Menzi Ndwandwe, Itumeleng Shopane, Khanyisa Mayo noPhakamani Mahlambi.