UFUNA ukuhlala kwi-Orlando Pirates unomphelo uDove Wome obolekiswe kuleli qembu kuze kuphele isizini.
UWome ubolekiswe kwiBucs ngoJanuwari kwazise ubelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kukaStuart Baxter opheka Amatsatsantsa a Pitori.
Inkontileka yakhe yokubolekiswa kwiPirates ihambisana nombandela wokuthi yelulwe ngeminyaka emibili uma enza kahle. Exoxa neSolezwe ukubeke kwacaca ukuthi kuyisifiso sakhe ukudlalela iqembu elikhulu njengePirates.
“Bonke abadlali abagijima esigabeni esikhulu bafisa ukudlalela amaqembu amakhulu. IPirates ingelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika futhi nginesiqiniseko sokuthi bancane abadlali abangayeka ithuba lokudlala kuyona. Nami kuyisifiso sami ukudlala eqenjini elikhulu njengePirates kodwa okwamanje ngeke ngikhulume kakhulu ngekusasa lami. Asilinde sibone ukuthi iqembu lizothini uma sekuphela isizini ngoba ikusasa lami lincike ekutheni ngidlala kanjani,” kusho uWome.
Lo mdlali oyibamba ngemuva kwabagadli noma ngasezinhlangothini usefike kwiPirates waphenduka omunye wabadlali abamqoka kakhulu.
“Phambilini ngike ngadlala nabanye abadlali enginabo kwiPirates ngakho lokho ngicabanga ukuthi yikona okwenze ngasheshe ngajwayela eqenjini. Umqeqeshi naye ngiyazi ukuthi ufunani kimina. Ngizimisele ngokuqhubeka nokufaka isandla ukuze iqembu lisuke kule ndawo embi elihlezi kuyona. Iqembu elikhulu njengePirates alifanele ukuhlala lapho elikhona. Nokho imidlalo isekhona futhi sizimisele ngokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu silifaka kuTop 8,” kusho uWome.
IPirates ihlezi endaweni ka-11 ku-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-21. EZimnyama sezisele nemidlalo eyisishiyagalombili okumele zibhukule kuyona ukuze ziqede kuTop 8.
NgoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku iBucs izoshukana neFree State Stars eJames Motlatsi Stadium, eFree State, emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.
Lo mdlalo kuzobe kuyimpinda njengoba iFree State iyithele ngenduku ka-3-2 iBucs emdlalweni we-Absa Premiership ngoMgqibelo odlule.
“INedbank yilona kuphela ithuba esinalo lokunqoba isicoco. IPirates yaziwa njengeqembu elinqoba izicoco. Lena ngenye yezinto eyenze ngayijoyina. Ngakho kumele sigcine lowo mlando omuhle weqembu ngokunqoba iNedbank. Okuhle ngalo mqhudelwano wukuthi uhamba nebhonasi yokudlala e-Afrika. Lokho nje kukodwa kuzosenza silwele ukuwunqoba,” kusho uWome.
Ngesizini edlule iPirates ayinqobanga neyodwa indebe kanti kulokhu aseshabelele amathuba ayo okuwina isicoco seligi ngoba ihlezi endaweni ka-11 ku-log. Leli qembu selidonse imidlalo engu-13 lingakaze liwine emidlalweni yeligi.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 16:
NgoMgqibelo: Mamelodi Sundowns v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Free State Stars v Orlando Pirates (James Motlatsi Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloem Celtic v Mbombela United (Dr Molemela Stadium, 3pm); Acornbush United v Kaizer Chiefs (Kabokweni Stadium, 3pm).