I-ORLANDO Pirates idinga abadlali abalambile ngoba laba abakhona basuthi nokwenza ukuthi bangazimiseli uma bengena enkundleni.
Lokho kuvezwe ngumqeqeshi waleli qembu osabambile, * -Augusto “Njenje” Palacios, ngemuva kokushaywa yiBloemfontein Celtic ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.
Amagoli eCeltic ashaywe nguLantshene Phalane noTshepo Rikhotso, elePirates leza nokaputeni weqembu, * -Oupa Manyisa.
“Leli qembu lidinga abadlali abalambile, abazimisele ukufela enkundleni. Ngo-2012 benginabadlali okubalwa kubo uBenni McCarthy, Ndumiso Mabena noThulasizwe Mbuyane. Bengiphithana ikhanda ngingazi kufanele ngidlalise bani ngoba bebezimisela. Ayikho into engingayenza manje ngoba kufanele ngisebenze nalaba enginabo,” kusho uPalacios.
“Abadlali abakhona abanandaba neqembu inqobo nje uma nje behola futhi begibela izimoto ezinkulu. Ngikhathazekile ngokwenzekayo. Abadlali abathi uma iqembu lidliwe bahleke noma bacule, bakushiya udidekile. Sidinga abadlali abazozimisela, ngiyabona kungani abaqeqeshi behamba kuleli qembu. Ngiphoxekile kakhulu ngeke ngilale nasebusuku. Okubi ukuthi siyazilolonga ngaso sonke isikhathi kodwa benza amaphutha afanayo.”
UPalacios uthe noma yena angahamba kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ngumqeqeshi ozothatha izintambo.
“Abadlali kufanele baziphathe kahle. Bekungafanele sidlale ngokulingana neBaroka. KuHighlands Park kube yiphutha elifanayo. KuMaritzburg United wonke amagoli abe ngubulima sashaywa. Thina sidinga abadlali abazimiselayo. Ngimfisela okuhle ozofika kodwa kusekude phambili. Kufanele kusetshenzwe kakhulu,” kusho uPalacious.
Uthe abadlali kufanele bazi ukuthi badlalela iqembu elikhulu bangabheki imali kuphela.
“Leli yiqembu okungelula ukuthi ulidlalele. Kufuneka abadlali abazimiselayo. Kufanele abadlali abanonembeza bangabheki umholo nje kuphela.”
Uthe akathandi ukugxeka abadlali bakhe ngesikhathi ebuzwa ngonozinti weqembu lakhe uJackson Mabokgwane. Ugcizelele ukuthi ngeke atshele usihlalo weqembu * -Irvin Khoza ukuthi athenge baphi abadlali.
“Ungunozinti weBafana Bafana (uMabokgwane) kodwa noma kunjalo angifuni ukugxeka abadlali. Mina ngeke ngithi usihlalo akathenge baphi abadlali. Ngingumuntu ongathandi ukuthenga abadlali abasha kodwa ngithanda ukusebenza ngenginakho,” kusho uPalacious.
Uthe abadlali bakhe kufanele babonele kubadlali abadala abayizinkakha uma befuna ukuphumelela ebholeni.
“Manje abadlali bethu abasafani nabakudala, bathi abadlali abafana noShoes Moshoeu (ongasekho) noLucas Radebe amaqembu awasabakhiqizi ngoba izinkulisa awusabonakali umsebenzi wazo. Thina sidinga iligi yethu lapha ekhaya iqine ukuze ibhola lethu lithuthuke,” kusho uPalacios