UYINYAMA emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) umgadli wePlatinum Stars uNdumiso Mabena ocathanyelwa yiKaizer Chiefs ngenhloso yokuqinisa phambili okungenye yezinkinga ezibhekene nomqeqeshi waMakhosi, uSteve “Mphathi” Komphela.
Ngempelasonto bekusabalele ukuthi iChiefs iyona kuphela esethubeni lokuthola lo mgadli ofike esigabeni esikhulu edlala ku-Orlando Pirates. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uKomphela umfuna uthuli lo mgadli ophelelwa yinkontileka njengoba kuzophela isizini.
Lokhu kuchaza ukuthi uMabena oshiye kuPirates ngo-2014 usengaqala akhulume nanoma yiliphi iqembu. Lokhu kuqinisekiswe ngophethe izindaba zakhe uFrancesco Ferreri.
“UMabena uphelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini kodwa usabheke ukusiza iPlatinum Stars. Akukho okuphathekayo okukhona ngaphandle kokuthi mane kumbe mahlanu amaqembu afuna uMabena,” kusho uFerreri.
UMabena (29) ufunwa uthuli ngu-Eric Tinkler oseke wasebenza nalo mgadli ngesikhathi eseyiphini lomqeqeshi kuPirates. Omunye umqeqeshi ofuna uMabena nguRoger de Sa obemqeqesha kuBucs manje osesebenza kuMaritzburg United. NoStuart Baxter ungumlandeli omkhulu walo mgadl.
Ngesizini edlule, uMabena ube ngomunye wabadlali abaqavile kuDikwena ngokuhlohla amagoli ayishumi okumenze waqokwa njengePlayer of The Year nePlayers Player of the Year. Iqembu lakhe liqede endaweni yesithathu.
Okungenza iChiefs ibe senhlanhleni kulolu daba ngukuthi * -Enocent Mkhabela weChiefs ubolekiswe kuDikwena. Lokhu kungase kube yikhona okuthambisa izingxoxo uma kungukuthi uMabena uyathanda ukuya kuChiefs ngoba akufihliwe ukuthi iCape Town City, Maritzburg United neSuperSport United bonke bayamfisa emabhukwini abo.