UYALELWE ukuthi axolise ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ngokuzwakalisa ilaka lakhe enkundleni yokuxhumana iTwitter enengwa ngabalandeli abebemsola ngokudlisela iqembu.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iqembu libambane ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows eFNB Stadium ngempelasonto. Lo nozinti ngeSonto ubhale kuTwitter ekhala ngokuhlaselwa abalandeli abathile.
“Indlela engihlaselwa ngayo abantu ngathi ngihlezi ngingena enkundleni ngifuna ukudlisela iqembu ekubeni ngizinikela 100% uma kungesiye * -200%. Kodwa ngizoqhubeka nokuzimisela kulabo abawubonayo umsebenzi wami. Ngiyazikhandla futhi ngiyayithanda into engiyenzayo. Kodwa kumele sikuqonde ukuthi nathi singabantu, sizoziphendulela uma siphushwa, sinemindeni nathi,” kusho uKhune.
IChiefs iphawula ngenkulumo kaKhune, obengaqali ukuzwakalisa imizwa yakhe kulabo abasuke bemsola ngokungenzi kahle kweqembu, ithe abadlali bayo banemigomo okumele bayilandele uma besebenzisa izinkundla zokuxhumana.
“Udaba lukaKhune silubhekile ngaphakathi. UKhune welulekwe ukuthi akhiphe isixoliso osekuyinto ayenzile ekhasini lakhe lakuTwitter,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChiefs kuSolezwe.
“Abadlali bethu bayaqeqeshwa ngokubhekana nabezindaba banikezwe nemibandela ehambisana nemigomo yeqembu okumele bayilandele ezinkundleni zokuxhumana. Siyababheka abadlali nabasebenzi bethu ukuthi baziphatha kanjani kwabezindaba. Uma sibona kukhona lapho bephambuke khona sinemigudu esiyilandelayo yokulungisa udaba,” kusho isitatimende.
UKhune exolisa uthe: “NgeSonto noMeyi 7 ngathumela imibhalo kuTwitter ngenxa yokudinwa. Lesi senzo sadalwa eminye imiyalezo engangiyithola kwabanye abangilandelayo abebengisola ngemuva kokuthi sibambane ngo 1-1 ne-Arrows. Iqembu lihlezi ligcizelela ukuthi kumele siqaphele uma sisebenzisa izinkundla zokuxhumana futhi singabhali kuTwitter uma imimoya isephezulu. Ngiyazisola ngokwenzekile ngiyaxolisa kulabo abaphatheke kabi.”
Lo nozinti kuzobhekwa kuyena ukuthi aphunge iPolokwane City kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium ngo-6 ntambama.
IChiefs isilwela ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu njengoba isiphumile embangweni wesicoco.
Imidlalo ye-Absa Premiership: Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa ngo-8 ebusuku: Highlands Park v Chippa United (Makhulong Stadium)
NgoMgqibelo: Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3pm); Polokwane City v Kaizer Chiefs (New Peter Mokaba Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Bloem Celtic (Athlone Stadium, 8.15pm)