LUNGILE MAJOKA

ZIZOGIJIMA eThekwini izihlabani zeManchester United ngemuva kokuthi izolo leli qembu naMaZulu FC beqinisekisile ukuthi uzoba khona lo mdlalo okade wawuhlo-ngozwa phakathi kwala maqembu.

Lezi zindaba ziqinisekiswe esithangamini nabezindaba izolo ngabakwaPrimedia inkampani AmaZulu abexoxisana nayo.

Umdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoJulayi 18. AmaRed Devils ngeke agcine eThekwini ngoba ayodlulela eKapa lapho eyotholana khona phezulu ne-Ajax Cape Town ngaphambi kokudlulela eChina ukuyoqhubeka namalungiselelo esizini entsha.

Isikhulu saMaZulu FC uLunga Sokhela obezwakala ejabule ngemuva kokuthola lezi zindaba uthe lo mdlalo uzonika Usuthu ithuba lokukhula.

“Sijabule kakhulu ngozosenzela khona lo mdlalo. Ngaphandle kokuzibonakalisa enkundleni igama laMaZulu lizoduma umhlaba wonke njengoba sazi ukuthi iManchester United yiqembu elilandelwa kakhulu,” kusho uSokhela.

Kuke kwaba nokudideka ngokuthi lo mdlalo uzogcina ube khona ngemuva kwemibiko yokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal ubefuna ukuthi kufakwe neLamontville Golden Arrows kulezi zinhlelo.

Kuphakanyiswe ukuthi okungenani kuhlanganiswe abadlali bawo womabili la maqembu aseThekwini ngoba kukhalwa ngokuthi akumele uhulumeni ubonakale weseka AmaZulu kuphela.

“Ezinye izinto zibonakala zilula uma zikhulunywa kodwa uma sekufanele kwenzeke kuba nzima. Eminye imibuzo evelile eyokuthi ubani obezoqeqesha lelo qembu? Belizogqoka umfaniswano onjani? Liziqeqeshe nini? Ngaphandle kwalokho kusidumazile ukuthi kube nezinkulumo ezinje ekubeni kuyithina esaqala ezinyangeni ezinhlanu ezedlule ukukhuluma (nePrimedia),” kuchaza uSokhela.

Uthe isikhathi sokuqala komdlalo nokudayiswa kwamathikithi kusazoqinisekiswa waveza ukuthi kungenzeka abe phakathi kuka-R150 kuya ku-R350.

Umbiko we-Indepedent.co.uk, ucaphune isikhulu esiphezulu seMan United uDavid Gill ethi: “Imidlalo yaseNingizimu Afrika izoba yingxenye enkulu yamalungiselelo esizini ka-2012/2013 futhi yithuba elihle lokuhlangana nabalandeli bethu baseNingizimu Afrika.”