UYAVEVA umsakazi weMetro FM uSomizi Mhlongo emva kwenkulumo ebigxeka abathandanayo kodwa bengobobulili obufanayo yomfundisi waseGhana obevakashe ebandleni lakhe iGrace Bible Church, eSoweto, ngeSonto.
USomizi, ophinde abe yijaji kuma-IDOLS, uphume ingakapheli intshumayelo kaMbhishobhi uDag Heward-Mills lapho athe okwenziwa abathandana bengobobulili obubodwa akwenziwa ngisho nayizilwane.
Ekhuluma kwi-video ayifake ku-Instagram uSomizi uthe uphoxekile ngendlela acwaswe ngayo.
“Ngivele ngasukuma ngahamba. Owesifazane obehlezi eceleni kwami ucele ukuthi ngingahambi, ngimbuze ukuthi ngobani? Bekufana nokuya endaweni olindele ukuthola inkulumo eyakhayo kuyo kunalakho uthole umuntu ozokucwasa,” kusho uSomizi.
Uthe bakhona abathandana nabobulili obufanayo abahlala yaze yaphela intshumayelo yalo mfundisi ebagxeka.
“Bengisacela amabandla nawo, ikakhulukazi kuleli engikhonza kulo, asheshe acacise ukuthi abathanda nabobulili obufanayo abavumelekile. Thina siya esontweni ukuyokhuluma noNkulunkulu osithandayo futhi owasidala njengoba sinje. Angivelanga nje ngavuka ngelinye ilanga ngathi namhlanje ngizothandana nomuntu wesilisa.
Awasheshe asho amabandla ukuze sithole ezinye izindawo esizokhuluma kuzo noNkulunkulu,” kuphetha yena.