UYAZIPHENDULELA umrepha onqobe indondo yomkhakha weSong of the Year kuma16th Metro FM Music Award abeseThekwini ngempelasonto.
UNasty C, waseLovu, eThekwini, uthi akakugqizi qakala okukhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana.
Abantu bathe akakufanele ukuwina indondo obekumele inikezwe uBabes Wodumo, Kwesta noma uDr Malinga..
“Uma kukhulunywa ngomuntu ongenankinga nokushiwo ngabantu yimina. Nami ngiye kuloya mcimbi ngingakulindele lokhu okwenzekile. Ngijabulile kakhulu, ngeke ngivumele abantu abangazi ukuthi ngisebenze kanzima kanjani ukufika la ngikhona bangiphathe kabi,” kusho uNasty C.
Lo mrepha oqopha enkampanini iMabala Noise, uthe uyazi ukuthi lokhu kukhuluma kuyinto yesikhashana. “Ngesonto elizayo konke lokhu kuzobe kuyinto engasekho. Ngijabule kakhulu, nasesitebeleni sethu akekho noyedwa onake le nto. Ngingasho nje ukuthi ngijabule futhi ngibonile ukuthi senginabalandeli abaningi okuyibo abangivotelile ukuze ngiwine.”
UNasty C uwine izindondo ezine, into embangele amazinyo abushelelezi.
Uthe uwiniswe ukudela kwakhe ubuthongo ngesikhathi eqopha i-albhamu yakhe ethi Bad Hair Extention.
Ngisho umndeni wakhe uthe umjabulele kakhulu. Wakhuliswa nguyise ngemuva kokushona kukanina enezinyanga eziwu-11. Uzoqhubeka asebenze kanzima. Phakathi kwale nyanga uzokhipha ifilimu encane equkethe wonke amavideo anomculo wakhe. Abafuna ukubona ama-video azotholakala ezindaweni okubukwa kuzo amafilimu.