WEHLELWE wumshophi izolo, uDJ Black Coffee, ozoshada namuhla nonina wezingane zakhe ezimbili, ehlaselwa ngumlisa ngesando wamkhomba nangesibhamu efuna iwashi lakhe ekwelinye lamagaraji eGoli.
Ethintwa Isolezwe ngeSonto uthe akazimisele ngokukhuluma nabezindaba ngalolu daba.
“Njengamanje ngisesendaweni yesigameko ngilinde amaphoyisa. Akukho okuningi engithanda ukukudalula okwamanje kodwa mhlawumbe imininingwane egcwele izotholakala ngoMsombuluko (kusasa). Imoto bayishayile kodwa angilimalanga,” kusho uBlack Coffee obekhulumela phansi kuzwakala ukuthi udangele.
Ngemuva kwesigameko ubhale ku-twitter wafaka nezithombe zemoto yakhe iMercedes Benz SLS Brabus emnyama enezicabha ezivuleka okwamaphiko enyoni. Uthe kuqhamuke owesilisa esithubeni esegaraji wamphoqa ukuthi ehlise iwindi lemoto. Uthe esamangazwe yilokho lo wesilisa waphihliza iwindi ngesando maqede wamkhomba ngesibhamu. Uthe lo mlisa uphoqe ukuba amnikeze iwashi abeligqokile.
Ngesikhathi sokuloba izolo uBlack Coffee uphinde waveza ukuthi usazoqhubeka aveze isithombe seCCTV seVW Polo Vivo emhlophe nezinombolo zayo ethintekayo ekuhlaselweni kwakhe.
Ngemuva kwale mibhalo iningi labantu likhalisane naye ku-twitter kodwa labonga ukuthi akalimalanga.
Kwenzeka lokhu nje lo DJ namuhla ushada unina wezingane * -Enhle Mbali Mlotshwa emcimbini oseSun City emcimbi ohlelwe uSophie Ndaba.