Umbuzo: Ngingowesifazane oneminyaka engu-25 ophila negciwane lengculazi. Isoka lami alifuni ukusebenzisa ikhondomu uma siya ocansini futhi nami ngiyesaba ukumazisa ngesimo sami. Lapho i-CD4 Count yami iphezulu. Ngingamtshela kanjani ukuthi asebenzise ijazi ukuze azivikele naye?.
Zakithi, eHammarsdale
Impendulo:
Indaba yegciwane lengculazi ibucayi. Futhi kunobungozi obuphindiwe ukufihlela othandana naye isimo sakho ngoba kufaka nempilo yakhe engcupheni. I-HIV akuyona into esafihlwa. Baningi abathandanayo abanye baze bashade nomuntu oneHIV. Isoka lakho linelungelo lokukudinelwa uma lingathola ukuthi ubuqhubeka ulala nalo ngaphandle kokuzivikela kodwa ube usazi isimo sakho. Akaqhubeke athandane nawe kodwa abe elazi iqiniso. Sekwabakhona imishanguzo eningayithatha nobabili ukuze niphile impilo efana neyabanye abantu.
Umbuzo:
Ngineminyaka engu-14 ngishadelwe. Kunento engikhathazayo phakathi kukankosikazi wami nomama wami. Umkami akamnaki umama wami. Kuze kube uyena umama omthintayo ngazo zonke izikhathi ebheka ukuthi siyaphila yini nabantwana. Okungikhathazayo wukuthi uyagula umama kulezi zinsuku. Bengizitshela ukuthi lokhu kuzokwenza ushintsho kumkami kodwa kuyazifanela nje. Umama useze wakuzwakalisa ukukhathazeka kwakhe.
Ngenzenjani ukulungisa lesi simo phakathi kwabo?
Thulani, eRichards Bay
Impendulo:
Sinzima lesi simo ngoba ubathanda bobali futhi awufuni ukuzibona sekukhona omvunayo phakathi kwabo. Sibona kukuhle ukuthi uke uxoxisane nomkakho ngalesi simo. Awuke umgqugquzele abe nesikhathi asibeka eceleni sikamamezala ngoba kungenzeka ukuthi into eyenza kubenje phakathi kwabo wukuthi abazange bajwayelane kwasekuqaleni, manje sekunzima ukuzama ukujwayelana emva kweminyaka emingaka. Angaqala ngokuvela njengoba egula amphathele izinto zokumjabulisa, niphinde nenze izinsuku lapho ezomthinta khona nje kungonakele lutho, nezinsuku zokuthi umamezala anivakashele ekhaya lenu. Kubaluleke kakhulu ukuthi abantwana benu babe nobudlelwano obuhle nomama wakho. Njengenhloko yekhaya kuwumsebenzi wakho ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka lokho.
Umbuzo:
Ngingowesilisa oneminyaka emibili eshadile. Sengiqala ukukhathala indlela umkhwekazi wami agxambukela ngayo emshadweni wethu. Ayikho into unkosikazi wami angamazisi yona. Ngisho noshintsho oluncane esilwenzayo ekhaya lethu ngizwa sengizwa ngomkhwekazi. Ngiyazi ukuthi unkosikazi wami uzalwa yedwa kubo kodwa ngiyafisa ukuthi unkosikazi wami akwazi ukuzimela ngaphandle kokuhlale efaka unina ezintweni zomuzi wethu. Ngizizwa ngingendoda yalutho.
Ntokozo, oThongathi
Impendulo:
Okuhle wukuthi sesiyazi ukuthi umkakho nguye yedwa kubo. Asikho-ke esinye isizathu esisibonayo ngaphandle kwalesi. Umama usaqhubeka neqhaza lakhe njengomama enganeni yakhe. Akaboni ukuthi usenza ngokwedlulele. Ziningi izizathu ezingenza lokhu kodwa esinye sazo wukuzama ukuvikela laba abathandayo, esinye wukuhluleka ukunqamula inkaba. Akukho ongakwenza kumkhwekazi ukulungisa lesi simo kodwa kumele ukhulume nomkakho. Nguye okumele akhulume nonina athi ukuninika isikhashana sokuthi niphefumule emshadweni wenu. Sinesiqiniseko sokuthi umama uzonizwa uma nimtshela ukuthi nizomthinta uma nimdinga emshadweni wenu. Okwamanje nisafuna ukuzifundela nina ukwengamela izinto zomuzi wenu. Phela empilweni sikhula ngokwenza amaphutha, nani nizokhula kanjalo.
Umbuzo:
Ngicela ningibonise Mo noPhindi. Umyeni wami angisamazi embhedeni. Ngisho ngingenzani endlini ekhombisa ukuthi ngifisa angithinte kodwa lutho, uvele angibuke nje. Ugcina ngokungiqabula uma evalelisa ekuseni eya emsebenzini. Angisazi ukuthi inkinga ikuphi. Kodwa engikwaziyo wukuthi sengiqala ukukhathala futhi ngizogcina ngibheka ngaphandle uma kunje la ekhaya.
Londeka, eMzinto
Impendulo:
Ngabe yinto oqalayo ukuyibona le kumyeni wakho noma vele akanalo isasasa kwezocansi? Kubalulekile ukuzibuza lo mbuzo ngoba uma kuwukuthi yinto aqalayo ukuyenza kuchaza ukuthi kukhona into emenze wafika kulesi simo. Kwezinye izikhathi owesilisa uyaphelelwa wuthando locansi uma kuwukuthi njalo uma efuna ucansi ubumncisha njengonkosikazi wakhe agcine esephelelwa wumdlandla kwezocansi. Omunye kuyenzeka ukuthi ikhona into oyenzayo noma ongayenzi kodwa emphelisa ngesasasa. Zinuke amakhwapha sisi kuqala ngaphambi kokuthi uhlale naye phansi uthole ukuthi yini le emudlayo. Akujwayelekile ukuthi owesilisa aphelelwe yisasasa kwezocansi kungekho sizathu.