AYIKHO into efakela amahloni njengokubuka imidlalo yethelevishini evela kuMzansi Magic kulezi zinsuku.
Lokhu ngikusho ngoba imidlalo yakhona isidla ngokuqoshama kolimi futhi oluhlambalazayo.
Imnandi impela imidlalo abayivezayo kulezi zinsuku kodwa ewu! ikwenza uswele umgodi wokucasha kwezinye izinsuku.
Indaba yami ngizoyiqala la - uma ubuka ithelevishini ebusuku isikhathi esiningi usuke uyibuka nomndeni okungabantu abadala nezingane ezincane.
Imindeni inokuhluka kwayo kodwa ikhona ebuka imidlalo yethelevishini bebaningi.
Kuleli sonto ngoMsombuluko umuntu ugilwe wumdlalo ongenisile kulezi zinsuku odlala ngo- 8 ebusuku, Isthunzi.
Ngithe ngizihlalele nje sibuka lo mdlalo nomndeni ngezwa izingane zesikole ezikuwo sezikhuluma ngokusebenza komphambili womuntu wesilisa ocansini.
Mina ngikusho ngokuhloniphisa uma ngithi umphambili.
Kulesi siqephu izingane zizwakala zilisho njengoba linjalo igama eliqala ngo ‘p’.
“Anginankinga nokuthi indoda injani mina, uma nje ine…(isho lelo gama) elisebenzayo ngijabule,” kusho eyodwa yamantombazane kuxoxwa.
Enye yamantombazane ibe isiqhubeka ithi, “Hhawu oe ayisabizwa kanjalo sekuthiwa wugwayi. “
Komunye futhi umdlalo kuMzansi Magic i The Queen, nakhona ngaswela umgodi wokucasha uShaka evuka ekuseni ekade elele noLinda esemxosha endlini.
Kulesi siqephu uShaka wazwakala ethi, “Yilokhu vele ebengifuna ukukwenza bengifuna ukuku…..(esho igama lokuya ocansini) ngiku...sise (eqhubeka eligcizelela) bese ngiyakulaxaza njengoba wangenza nami.”
Emdlalweni abantu abaningi abafuna ubuye nesizini yesibili, i Ring Of Lies, ngavele ngadedela umoya ngoba ngangazi ukuthi yinto yakhona ukuphinyiswa kwamagama alumelayo.
Kwesinye isiqephu esasishubile nje uMandla wazwakala ethethisa u-anti ogadayo ngokulalana kwezingane ekhona endlini.
“Wena uthule layindlini izingane zi-busy ziyab…(esho igama lokuya ocansini).”
Kungaphela usuku ngenza izibonelo.
Omunye umuntu angathi yisiZulu njengoba sinjalo esisuke sikhulunywa kule midlalo futhi abantu bayaxwayiswa uma umdlalo uzosebenzisa lolu hlobo lolimi kodwa inkinga wukuthi uMzansi Magic usuyile nto u-SABC 1 owawuyiwo kudala; isiteshi esinemidlalo nezinhlelo eziningi ezibukwa wumndeni wonke.
Amagama athize esiNgisi alumelayo noma ayinhlamba ayavaleka kwi-DStv, sicela uMzansi Magic usisize ufake nawesiZulu kulawo ongakwazi ukuvaleka ukuze umuntu abuke le midlalo ngokukhululeka ume ebuka nomndeni.
Kanjalo nemidlalo eyiziqephu ikwazi ukuvaleka inhlamba njengoba kwenzeka emafilimini.
Ungaxhumana nombhali ku [email protected] noma kuFacebook ku: Ndabe Mcebo Mpungose, naku Instagram ku: mcebo_mpungose.